Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 18:32 - Contemporary Zulu Bible 2024

32 Wathi: “INkosi mayingathukutheli, ngisakhuluma kanye nje: Mhlawumbe kungafunyanwa abayishumi khona.” Wathi: “Angiyikuwubhubhisa ngenxa yabayishumi.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Wayesethi: “Mayingathukutheli iNkosi ukuthi ngisakhuluma kanye nje. Mhlawumbe kungafunyanwa abayishumi khona.” Wathi: “Angiyikuwubhubhisa ngenxa yalabo abayishumi.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

32 Wayesethi: “Ngicela Nkosi ungangicasukeli, ngiphawule okokugcina. Mhlawumbe kwenzeke kutholakale lapho abalishumi.” Yaphendula yathi: “Ngenxa yabalishumi angiyukuwubhubhisa.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 18:32
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi kuye: “Mayingathukutheli iNkosi, mina-ke ngiyakukhuluma: Mhlawumbe kungafunyanwa abangamashumi amathathu.” Wathi: “Angiyikukwenza uma ngithola amashumi amathathu.”


Wathi: “Bheka-ke, ngibeke phezu kwami ukukhuluma neNkosi: Mhlawumbe kuyotholwa abangamashumi amabili.” Wathi: “Angiyikuwubhubhisa ngenxa yabangamashumi amabili.”


UJuda wayesesondela kuye, wathi: “Awu, nkosi yami, inceku yakho mayikhulume izwi ezindlebeni zenkosi yami, futhi intukuthelo yakho mayingayivuthi encekwini yakho, ngokuba unjengoFaro;


Uma kukhona naye isithunywa, umhumushi oyedwa enkulungwaneni, ukuze abonise umuntu ubuqotho bakhe;


Ngokuba wena, Jehova, umuhle, ukulungele ukuthethelela; futhi kuvama umusa kubo bonke abakhuleka kuwe.


UJehova wazisola ngobubi ayecabanga ukubenza kubantu bakhe.


Umhlatshelo wababi uyisinengiso kuJehova, kepha umkhuleko wabaqotho uyintokozo yakhe.


Usho kanje uJehova, uthi: “Njengalokhu kufunyanwa ulele ehlukuzweni, nokuthi: ‘Ungawubhubhisi; ngokuba isibusiso sikuyo; ngiyakwenza kanjalo ngenxa yezinceku zami, ukuze ngingababhubhisi bonke.


Gijimani ezitaladini zaseJerusalema, nibheke, nazi, nifunisise ububanzi bayo, uma ningathola umuntu owenza ukwahlulela, ofuna iqiniso; futhi ngizokuthethelela.


Ngubani onguNkulunkulu onjengawe, othethelela ububi, adlule isiphambeko sensali yefa lakhe? Akayigodli intukuthelo yakhe kuze kube phakade, ngokuba ujabulela umusa.


Celani, lizaphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, niyakuvulelwa;


Kuye yena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikucabangayo ngokwamandla asebenza kithi.


UGideyoni wasesithi kuNkulunkulu: Intukuthelo yakho mayingavutheli kimi, kodwa ngizakhuluma kanye kuphela; ake ngiwuvivinye, kepha manje ngoboya; manje makuwome eboyeni kuphela, kube khona amazolo emhlabathini wonke.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka