Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 9:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngokuba ngalesi sikhathi ngiyakuthuma zonke izinhlupho zami enhliziyweni yakho, nasezincekwini zakho, nakubantu bakho; ukuze wazi ukuthi akakho onjengami emhlabeni wonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ngokuba kulesi sikhathi ngizakuthuma zonke izinhlupho zami enhliziyweni yakho, nasezincekweni zakho, nakubantu bakho, ukuze wazi ukuthi akakho onjengami emhlabeni wonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

14 Ngokuba kulesi sikhathi ngizothumela zonke izinhlupheko zami enhliziyweni yakho, kweyezinceku zakho, nakweyabantu bakho, ukuze nazi ukuthi akekho onjengami emhlabeni wonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 9:14
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngalokho umkhulu, Jehova Nkulunkulu, ngokuba akakho onjengawe, akakho uNkulunkulu ngaphandle kwakho njengakho konke esikuzwileyo ngezindlebe zethu.


Noma yimuphi umthandazo nokunxusa okungase kwenziwe yinoma ubani noma yibo bonke abantu bakho u-Israyeli abayokwazi, kube yilowo nalowo inhlupho yenhliziyo yakhe futhi belulele izandla zabo kule ndlu;


Jehova, akakho onjengawe, akakho uNkulunkulu ngaphandle kwakho njengakho konke esikuzwileyo ngezindlebe zethu.


Phakathi konkulunkulu akakho onjengawe, Nkosi; futhi ayikho imisebenzi efana nemisebenzi yakho.


Ngubani onjengawe, Nkosi, phakathi kwawonkulunkulu? ngubani onjengawe, okhazimula ngobungcwele, owesabeka ngezindumiso, owenza izimangaliso, na?


Wathi: “Kusasa.” Wathi: “Kuhamba njengokusho kwakho, ukuze wazi ukuthi akakho onjengoJehova uNkulunkulu wethu.”


U-Aroni welula isandla sakhe phezu kwamanzi aseGibithe; amasele akhuphuka, asibekela izwe laseGibithe.


Ngokuba manje ngiyakwelula isandla sami ukuba ngikushaye wena nabantu bakho ngesifo; futhi uyonqunywa emhlabeni.


NginguJehova, akakho omunye, akakho uNkulunkulu ngaphandle kwami; Ngikubhincile, nakuba ningangazi.


Khumbulani izinto zakuqala zasendulo, ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye; nginguNkulunkulu, akakho onjengami,


Ngoba akakho ofana nawe, Jehova; Wena umkhulu, futhi iGama lakho likhulu ngamandla.


Ngubani ongekwesabe, Nkosi yezizwe? ngoba ingeyakho, ngoba phakathi kwabo bonke abahlakaniphileyo bezizwe lemibuso yabo yonke kakho onjengawe.


Ngiyakwenza lo muzi ube yihlane nenhlekisa; wonke umuntu odlulayo uyomangala futhi aklolodelwe ngazo zonke izinhlupho zakhe.


Futhi waxoshwa phakathi kwabantwana babantu; inhliziyo yakhe yaba njengeyezilwane, nokuhlala kwakhe nezimbongolo zasendle; waze wazi ukuthi uNkulunkulu oPhezukonke uyabusa embusweni wabantu, nokuthi umisa phezu kwawo lowo athanda ukummisa.


Uma namanje ningangilaleli, ngiyakunijezisa kasikhombisa ngezono zenu.


Uma nihamba ngokumelene nami, ningangilaleli; ngiyakwehlisela izinhlupho kasikhombisa phezu kwenu ngokwezono zenu;


Khona nami ngiyakuhamba ngithukuthelele; mina, yebo, mina, ngiyakunishaya kasikhombisa ngenxa yezono zenu.


Ngalokho nami ngiyakunenza nigule ngokunishaya, nginivunulise ngenxa yezono zenu.


O Nkosi Jehova, usuqalile ukubonisa inceku yakho ubukhulu bakho nesandla sakho esinamandla; ngokuba yimuphi uNkulunkulu ezulwini noma emhlabeni ongenza ngokwemisebenzi yakho nangamandla akho na?


Lokhu sekwaziwe kini, ukuze nazi ukuthi uJehova unguNkulunkulu; akakho omunye ngaphandle kwakhe.


Ngakho-ke izinhlupho zalo ziyakufika ngalusuku lunye, ukufa, nokulila, nendlala; iyakushiswa nokushiswa ngomlilo, ngokuba inamandla iNkosi uJehova owahlulelayo.


Ngokuba ngiyafakaza kubo bonke abezwayo amazwi esiprofetho sale ncwadi, uma umuntu enezela kulezizinto, uNkulunkulu uyakwenezela kuye izinhlupho ezilotshwe kule ncwadi;


Maye kithi! ngubani oyakusikhulula esandleni salaba nkulunkulu abanamandla na? yilabo onkulunkulu abashaya abaseGibithe ngazo zonke izinhlupho ehlane.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka