Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 14:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro ukuba abalandele; ngiyakudunyiswa phambi kukaFaro naphezu kwempi yakhe yonke; ukuze abaseGibithe bazi ukuthi nginguJehova. Benza kanjalo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, abalandele; ngiyakudunyiswa ngoFaro nangebandla lakhe lonke; abaseGibithe bayakwazi ukuthi nginguJehova.” Benze njalo-ke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 “Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, uyakubalandela, ukuze ngithole udumo ngoFaro nangempi yakhe yonke; abaseGibhithe bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.” Benza kanjalo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 14:4
36 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wenza izibonakaliso nezimangaliso kuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe nakubo bonke abantu bezwe lakhe, ngokuba nazi ukuthi babezidla kubo. Wazitholela kanjalo igama, njengoba kunjalo nanamuhla.


Ukuze ukhulume ezindlebeni zendodana yakho nezendodana yendodana yakho engikwenzile eGibithe, nezibonakaliso zami engazenza phakathi kwabo; ukuze nazi ukuthi nginguJehova.


Kodwa uJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabavumelanga ukuba bahambe.


Abantwana bakwa-Israyeli basuka, benza njengalokho uJehova ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke.


AbaseGibithe babaxosha, bawalandela kwaze kwaba phakathi kolwandle, namahhashi onke kaFaro, nezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe.


Ase ekhumula amasondo ezinqola zawo, awagibelisa, kangangokuthi abaseGibithe bathi: “Masibaleke phambi kuka-Israyeli; ngoba uJehova uyabalwela emelene labaseGibhithe.


Ngoba uFaro uzakuthi ngabantwana bakoIsrayeli: Badidekile elizweni, inkangala ibahaqile.


Kwasekubikwa enkosini yeGibhithe ukuthi abantu babalekile, lenhliziyo kaFaro leyenceku zakhe yabaphendukela abantu, bathi: Sikwenzeleni lokhu, ukuthi senze uIsrayeli ahambe asikhonze?


UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibithe, waxosha abantwana bakwa-Israyeli; abantwana bakwa-Israyeli baphuma ngesandla esiphakeme.


Manje sengiyazi ukuthi uJehova mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, ngoba endabeni ababezidla ngayo wayephezu kwabo.


Ngiyakunithatha nibe yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu; niyakwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu onikhipha phansi kwemithwalo yabaseGibithe.


Itsho njalo iNkosi: Ngalokhu lizakwazi ukuthi mina ngiyi Nkosi: khangela, ngizatshaya ngentonga esesandleni sami phezu kwamanzi oMfula iNayile, aphenduke abe yigazi.


Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, ngandise izibonakaliso zami nezimangaliso zami ezweni laseGibithe;


AbaseGibhithe bazakwazi ukuthi nginguJehova lapho ngelulela isandla sami phezu kweGibhithe ngikhuphe abantwana bakoIsrayeli phakathi kwabo.


Ngakuvusa-ke impela, ukuze ngibonakalise amandla ami kuwe; nokuthi igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.


Kodwa ngakwenza ngenxa yebizo lami, ukuze lingangcoliswa phambi kwezizwe ababephakathi kwazo, engazazisa kubo phambi kwamehlo azo ngokubakhupha elizweni leGibhithe.


uthi: Itsho njalo iNkosi uJehova; Bheka, nginobuso bakho nawe, Sidoni; ngiyakudunyiswa phakathi kwakho, bazi ukuthi nginguJehova, lapho ngenze isijeziso sakhe, ngingcweliswe kulo.


Lapho ngenza izwe laseGibithe libe yihlane, ngilethe izwe eligcwele kulo, uma ngihlula bonke abakhileyo kulo, bazi ukuthi nginguJehova.


Uyakukhuphukela kubantu bami u-Israyeli njengefu lisibekele izwe; kuyakuthi ekupheleni kwezinsuku, ngikulethe umelane nezwe lami, ukuze izizwe zingazi, lapho ngiya sengcweliswa kuwe, Gogi, phambi kwamehlo azo.


Ngakho ngiyakuzikhulisa, ngingcwelise; ngiyakwaziwa emehlweni ezizwe eziningi, zazi ukuthi nginguJehova.


Yebo, bonke abantu bezwe bayakubambela; futhi kuyoba yigama kubo ngosuku engiyokhazinyuliswa ngalo,” kusho uJehova.


UMose wayesethi ku-Aroni: “Yilokhu uJehova akukhulumayo ngokuthi: ‘Ngizangcweliswa kulabo abasondela kimi, futhi phambi kwabo bonke abantu ngiyodunyiswa. U-Aroni wathula.


njengokulotshiweyo ukuthi: UNkulunkulu ubaphile umoya wobuthongo, amehlo ukuze bangaboni, lezindlebe ukuze bangezwa, kuze kube lamuhla.


Ngokuba umbhalo uthi kuFaro: “Ngakumisela khona lokho ukuba ngibonakalise amandla ami kuwe, nokuba igama lami limenyezelwe emhlabeni wonke.


Ngakho uhawukela lowo athanda ukumhawukela, umenza lukhuni lowo athanda ukumenza lukhuni.


Ngokuba kwavela kuJehova ukwenza lukhuni izinhliziyo zabo ukuba bahlasele u-Israyeli, abashaye ngesiqalekiso esichithayo, bangabi namusa, kodwa ukubachitha, njengalokho uJehova emyalile uMose.


Ngiyakudonsela kuwe uSisera induna yempi kaJabini nezinqola zakhe nesixuku sakhe emfuleni iKishoni; ngiyakumnikela esandleni sakho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka