Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 14:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngoba uFaro uzakuthi ngabantwana bakoIsrayeli: Badidekile elizweni, inkangala ibahaqile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UFaro uyakuthi ngabantwana bakwa-Israyeli: ‘Badidekile ezweni, ihlane libavalele.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 UFaro uyakuthi ngabantu bakwa-Israyeli: ‘Bayazulazula bedidekile ezweni, ihlane libavalele.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 14:3
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uyalwazi usizi lwami nokuhlubuka kwami, uqonda imicabango yami ukude.


Ngokuba alikho izwi olimini lwami, kepha bheka, Jehova, wena ulazi lonke.


Baningi abathi ngomphefumulo wami: Akakho ukusindiswa kwakhe kuNkulunkulu. Sela.


wathi: “UNkulunkulu umshiyile; msukeleni nimbambe; ngoba kakho omsindisayo.


Yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuba baphenduke, bamise ngaphambi kwePhihagiroti, phakathi kweMigidoli nolwandle, malungana neBali Sefoni; ngalokho uyakumisa ngaselwandle.


Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro ukuba abalandele; ngiyakudunyiswa phambi kukaFaro naphezu kwempi yakhe yonke; ukuze abaseGibithe bazi ukuthi nginguJehova. Benza kanjalo.


Usho kanje uJehova, uthi: “Nguwe yini engakhuluma ngaye endulo ngesandla sezinceku zami abaprofethi bakwa-Israyeli ababeprofetha ngalezo zinsuku iminyaka eminingi ukuthi ngiyakukuyisa kubo na?


ukuba ngenze konke esakumisela ngaphambili isandla sakho namasu akho ukuba kwenziwe.


“Kuyakuthi lapho ububi obuningi nezinsizi bubehlela, le ngoma ifakaze ngabo, ibe ngufakazi; ngokuba akuyikukhohlakala emilonyeni yezizukulwane zabo; ngoba mina ngiyayazi imicabango yabo abayizulazulayo khathesi, ngingakafiki elizweni engathembisa ngalo ngesifungo.


Kwasekutshelwa amaGasi ukuthi: USamsoni ufikile lapha. Bamhaqa bamlinda ubusuku bonke esangweni lomuzi, bathula ubusuku bonke, bathi: “Kusasa, uma kusile, sizombulala.”


Bhekani, nibone zonke izindawo zokucasha lapho ecasha khona, nibuyele kimi impela, ngiyakuhamba nani; uma ekhona ezweni, ngiyakumphenya kuzo zonke izinkulungwane zakwaJuda.


Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ufikile eKehila. USawule wayesethi: “UNkulunkulu umnikele esandleni sami; ngoba uvalelwe ngokungena emzini onamasango nemigoqo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka