Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 12:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kodwa uma niwela iJordani, nihlala ezweni uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona njengefa, futhi uma eniphumuza ezitheni zenu zonke nxazonke, ukuze nihlale nilondekile;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Kepha lapho niwela iJordani, nihlale ezweni uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona libe yifa lenu, aniphumuze ezitheni zenu zonke nxazonke ukuba nihlale nilondekile,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

10 Kepha niyowela iJordani, nihlale ezweni uSimakade uNkulunkulu wenu aninika lona, libe yifa lenu. Uyakuninika ukuphumula ezitheni zenu zonke, nxazonke, futhi niyohlala nilondekile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 12:10
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

OJuda no-Israyeli bahlala belondekile, kwaba yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni.


Makabongwe uJehova owaphumuza abantu bakhe u-Israyeli njengakho konke akuthembisileyo; akwalahleka nelilodwa izwi kuzo zonke izithembiso zakhe ezinhle azikhulumayo ngesandla sikaMose inceku yakhe.


UJehova uNkulunkulu wenu akanani na? Akaniphumuzanga na? ngokuba unikele esandleni sami abakhileyo ezweni; izwe lanqotshwa phambi kukaJehova naphambi kwabantu bakhe.


Ngiyakucambalala ngokuthula, ngilale ubuthongo, ngokuba wena Jehova wedwa ungivumela ukuba ngihlale ngokulondeka.


Wathi: “Ubuso bami buyakuhamba nawe, ngikuphumuze.”


Kepha ongilalelayo uyakuhlala elondekile, athule ekwesabeni okubi.


Ezinsukwini zayo uJuda uyohlengwa no-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama lakhe ayobizwa ngalo: INKOSI UBULUNGISA BETHU.


Bheka, ngiyakubabutha emazweni onke engabaxosha kuwo ngentukuthelo yami nangokufutheka kwami nangentukuthelo enkulu; ngiyakubabuyisela kule ndawo, ngibenze bahlale belondekile.


Izwi lenjabulo nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi likamakoti, izwi lalabo abathi: “Dumisani uJehova Sebawoti, ngokuba uJehova muhle; ngokuba umusa wakhe umi phakade nowabaletha umnikelo wokudumisa endlini kaJehova. Ngoba ngizobuyisela isiphetho sezwe njengoba sasinjalo ekuqaleni,” kusho uJehova.


Bayohlala kulo belondekile, bakhe izindlu, batshale izivini; yebo, bayophila ngesibindi lapho ngenza izahlulelo phezu kwabo bonke ababadelelayo nxazonke zabo; futhi bayokwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo.


Ngiyakwenza isivumelwano sokuthula nabo, ngenze ukuba izilo ezimbi ziphele ezweni, zihlale ehlane ngokulondeka, zilale ehlathini;


Ngeke zisaba yimpango yezizwe, nezilwane zezwe aziyikuzidla; kodwa bayohlala ngokulondeka, futhi akekho oyobesabisa.


Futhi kumelwe uthi: Ngizokhuphukela ezweni lamadolobhana angenazindonga; ngizakuya kwabaphumuleyo, abahlezi bevikelekile, bonke abahlezi bengenazindonga, abangenamigoqo namasango;


Emva kwezinsuku eziningi uyakuhanjelwa; ekupheleni kweminyaka uyakungena ezweni elibuyiswe enkembeni, libuthelwe ezizweni eziningi, limelene nezintaba zakwa-Israyeli ezaziyincithakalo njalo; kodwa likhishwe ezizweni, futhi bonke bayohlala belondekile.


Ngoba lizawela iJordani lingene ukulidla ilizwe uJehova uNkulunkulu wenu azalinika lona, njalo lizalidla lihlale kulo.


Khuphukela esiqongweni sasePisiga, uphakamisele amehlo akho ngasentshonalanga, nasenyakatho, naseningizimu, nasempumalanga, ukubone ngamehlo akho, ngokuba awuyikuliwela leli Jordani.


NgoBhenjamini wathi: “Othandiweyo kaJehova uyakuhlala naye elondekile; uJehova uyakumsibekela usuku lonke, ahlale phakathi kwamahlombe akhe.


U-Israyeli uyakuhlala eyedwa elondekile; umthombo kaJakobe uyakuba sezweni likakolweni nelewayini; nezulu lakhe liyakuwisa amazolo.


Kodwa kufanele ngifele kuleli zwe, angiyikuwela iJordani; kepha niyakudabula, nilidle lelo zwe elihle.


Zwana, Israyeli, uyakudabula iJordani namuhla ukungena ukudla izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe, imizi emikhulu ebiyelweyo kuze kufike ezulwini;


UJoshuwa walithatha izwe lonke njengakho konke uJehova abekushilo kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli laba yifa ngokwezigaba zabo ngokwezizwe zabo. Izwe lazola ekulweni.


Lawa angamafa abantwana bakwa-Israyeli abawadla njengefa ezweni laseKhanani, umpristi u-Eleyazare, noJoshuwa, indodana kaNuni, nezinhloko zezindlu zoyise zezizwe zabantwana bakwa-Israyeli ababanika wona njengefa.


Abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova bema baqina emhlabathini owomileyo phakathi neJordani, bonke abakwa-Israyeli badabula emhlabathini owomileyo, kwaze kwaba yilapho isizwe sonke siwela iJordani sihlambulukile.


Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase badabula behlomile phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uMose wakhuluma kubo.


USamuweli wathatha itshe, walibeka phakathi kweMispa neSeni, walibiza ngokuthi i-Ebeni Ezeri, wathi: “Kuze kube manje uJehova usisizile.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka