Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 6:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Juba lami, opheleleyo wami munye; nguye yedwa kunina, okhethiweyo wakhe owamzalayo. Amadodakazi ambona futhi ambusisa; yebo, amakhosikazi nezancinza, bamdumisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kepha ijuba lami, opheleleyo wami munye nje; ungoyedwa kunina, ungokhethiweyo wakhe owamzalayo. Amantombazana ayambona, athi ubusisiwe; amakhosikazi nezancinza bayamdumisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 Kodwa ijuba lami, opheleleyo wami, munye qhwaba; uzelwe yedwa kunina, uyikhethelo lalowo owamzalayo. Amadodakazi ambona qede ambize ngobusisiweyo, ondlunkulu nezancinza bambona maqede bamhashe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiHlabelelo seziHlabelelo 6:9
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesethi uLeya: “Ngiyajabula, ngokuba amadodakazi ayakuthi ngibusisiwe; waqamba igama layo ngokuthi u-Asheri.


Wayenabafazi abangamakhulu ayisikhombisa, amakhosazana, nezancinza ezingamakhulu amathathu; omkakhe bayiphambukisa inhliziyo yakhe.


Khona umlomo wethu wawugcwele ukuhleka nolimi lwethu ukuhuba; bathi phakathi kwezizwe: UJehova ubenzele izinto ezinkulu.


Amadodakazi enkosi ayephakathi kwabesifazane bakho abahloniphekile; Indlovukazi imi ngakwesokunene sakho, igqoke igolide laseOfiri.


Juba lami elisemifantwini yedwala, ekusithekeni kwezitebhisi, mangibone ubuso bakho, ngizwe ilizwi lakho; ngokuba limnandi izwi lakho, nobuso bakho buhle.


Ngiyalala, kepha inhliziyo yami iyaphaphama; yizwi lothandiweyo wami engqongqotha, ethi: “Ngivulele, dadewethu, sithandwa sami, juba lami, opheleleyo wami, ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo nezihluthulelo zami ngamathonsi. Kwasebusuku.


Ngokuba ngisesiqongweni samadwala ngiyambona, nasemagqumeni ngiyambona; bheka, abantu bayakuhlala bodwa, bangabalwa phakathi kwezizwe.


Kodwa iJerusalema eliphezulu likhululekile, elingumama wethu sonke.


Ubusisiwe wena Israyeli, onjengawe, bantu abahlengiwe nguJehova, isihlangu sosizo lwakho, oyinkemba yobukhosi bakho. Izitha zenu ziyakuba ngamanga kini; futhi kumelwe unyathele ezindaweni zazo eziphakeme.


Lapho isiza ukukhazinyuliswa kwabangcwele bayo, nokutuswa yibo bonke abakholwayo (ngokuba kwakholwa ubufakazi bethu phakathi kwenu) ngalolo suku.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka