Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 6:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kepha ijuba lami, opheleleyo wami munye nje; ungoyedwa kunina, ungokhethiweyo wakhe owamzalayo. Amantombazana ayambona, athi ubusisiwe; amakhosikazi nezancinza bayamdumisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 Kodwa ijuba lami, opheleleyo wami, munye qhwaba; uzelwe yedwa kunina, uyikhethelo lalowo owamzalayo. Amadodakazi ambona qede ambize ngobusisiweyo, ondlunkulu nezancinza bambona maqede bamhashe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Juba lami, opheleleyo wami munye; nguye yedwa kunina, okhethiweyo wakhe owamzalayo. Amadodakazi ambona futhi ambusisa; yebo, amakhosikazi nezancinza, bamdumisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiHlabelelo seziHlabelelo 6:9
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesethi uLeya: “Yisibusiso sami! Ngokuba izintombi ziyakungibiza ngokuthi ngingobusisiweyo,” waqamba igama layo ngokuthi u-Asheri.


Wayenabafazi abangamakhulu ayisikhombisa abangamadodakazi amakhosi, nezancinza ezingamakhulu amathathu; omkakhe bayiphambukisa inhliziyo yakhe.


Umlomo wethu wawusugcwala ukuhleka nolimi lwethu ukuhuba; bathi phakathi kwabezizwe: UJehova ubenzele izinto ezinkulu.


Amadodakazi amakhosi aphakathi kwabesifazane bakho abadumileyo; inkosikazi imi ngakwesokunene sakho, ihlobe igolide lase-Ofiri.


Juba lami elisemifantwini yamadwala nasekusithekeni kweziwa, mangibone ubuso bakho, ngizwe izwi lakho, ngokuba izwi lakho limnandi, nobuso bakho buhle.


Bengilele, kepha inhliziyo yami ibiphapheme; kuyizwi lothandiweyo wami elingqongqotha lithi: “Ngivulele, dadewethu, sithandwa sami, juba lami, opheleleyo wami, ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo, nesihluthu sami amaconsi asebusuku.”


Ngokuba ngisesiqongweni samadwala ngiyambona, ngisemadulini ngiyambuka; bheka, kungabantu abahlala bodwa, abangayikubalwa phakathi kwezizwe.


Kepha iJerusalema eliphezulu likhululekile, lona lingumame wethu.


Ubusisiwe wena Israyeli; ngubani ofana nawe, isizwe esisindisiwe nguJehova oyisihlangu sosizo lwakho, oyinkemba yakho ephakanyisiweyo. Izitha zakho ziyakuzithobela wena, unyathele izindawo zabo eziphakemeyo.”


nxa efika ukuba akhazimuliswe kubo abangcwele bakhe, abe ngomangalisayo kubo bonke abakholwa ngalowo muhla, ngokuba nakholwa ngukufakaza kwethu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka