Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 7:39 - Contemporary Zulu Bible 2024

39 (Kepha lokhu wakusho ngoMoya ababezakwamukeliswa abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, ngokuba uJesu wayengakakhazinyuliswa.)

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 Washo lokho ngoMoya abazakumamukela abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, lokhu uJesu wayengakakhazimuliswa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

39 Wayekusho lokho ngoMoya abazakumamukela labo abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, ngenxa yokuba uJesu wayengakakhazimuliswa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

39 (Kepha lokhu wakusho ngoMoya ababezakwamukeliswa abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, ngokuba uJesu wayengakakhazinyuliswa.)

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 7:39
42 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wenyukela ezindaweni eziphakemeyo, wathumba abathunjwa; ukwamukela abantu izipho; yebo, nakwabahlubukayo, ukuze uJehova uNkulunkulu ahlale phakathi kwabo.


Phendukelani ekukhuzeni kwami; khangelani, ngizathululela uMoya wami phezu kwenu, ngizakwazisa amazwi ami kini.


Ngakho niyakukha amanzi ngokuthokoza emithonjeni yensindiso.


uMoya aze athululelwe phezu kwethu evela phezulu, logwadule luthiwe luyinsimu evundileyo, lensimu evundileyo njengehlathi.


Ngokuba ngiyakuthela amanzi phezu kowomileyo, nemifudlana emhlabathini owomileyo; ngiyakuthulula uMoya wami enzalweni yakho nesibusiso sami phezu kwenzalo yakho.


Emva kwalokho ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, amaxhegu enu aphuphe amaphupho, nezinsizwa zenu zibone imibono.


Basebesithi: Abanye bathi unguJohane uMbhabhathizi; labanye bathi nguJeremiya kumbe omunye wabaprofethi.


Izixuku zathi: “Lo ungumprofethi uJesu waseNazaretha laseGalile.


Bhekani, ngiyathumela kini isithembiso sikaBaba, kepha hlalani emzini waseJerusalema, nize nembathiswe amandla avela phezulu.


UJohane waphendula, wathi kubo bonke: Mina nginibhapathiza ngamanzi; kodwa uyeza onamandla kunami, engingafanele ukuwuthukulula umchilo wezicathulo zakhe;


Ukwesaba kwehlela phezu kwabo bonke, bamdumisa uNkulunkulu, bathi: “Kuvele umprofethi omkhulu phakathi kwethu; nokuthi, UNkulunkulu ubahambele abantu bakhe.


Basebembuza bathi: Pho? Ungu-Eliya na? Wathi: Kangisuye. Unguye lowomprofethi na? Yaphendula yathi: Hatshi.


Bambuza-ke, bathi kuye: “Pho, ubhapathizelani, uma ungesiye uKristu, no-Eliya, noma lowomprofethi na?


Nami bengingamazi, kodwa owangithuma ukubhapathiza ngamanzi, nguyena wathi kimi: “Lowo ozakubona uMoya ehla ahlale phezu kwakhe, nguyena obhapathiza ngoMoya oNgcwele.


Lezizinto abafundi bakhe abakuqondanga ekuqaleni;


UJesu wabaphendula wathi: “Isikhathi sesifikile sokuba iNdodana yomuntu ikhazinyuliswe.


Noma yini eniyakukucela egameni lami ngiyakukwenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni.


Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa zonke izinto, anikhumbuze konke enginitshele khona.


Yena uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakwamukela okwami, anibikele khona.


Nokho nginitshela iqiniso; kunilungele ukuba ngimuke, ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi kayikuza kini; kepha uma ngimuka, ngiyakumthumela kini.


UJesu wakhuluma lokho, wayesephakamisela amehlo akhe ezulwini, wathi: “Baba, isikhathi sesifikile; khazimulisa iNdodana yakho, ukuze iNdodana yakho ikukhazimulise wena;


Manje-ke, Baba, ngikhazimulise kuwe ngokwakho ngenkazimulo enganginayo ngikuwe izwe lingakabikho.


Esekushilo lokho wabaphefumulela, wathi kubo: “Yamukelani uMoya oNgcwele;


Khona labobantu sebesibonile isimangaliso uJesu asenzayo, bathi: Isibili lo nguye umprofethi obezakuza emhlabeni.


Kwaba khona ukukhonona okukhulu ngaye esixukwini, abanye bathi: “Umuhle;” abanye bathi: “Qha; kodwa udukisa abantu.


UJesu waphendula wathi: “Uma ngizidumisa mina, udumo lwami luyize; enisho ngaye ukuthi unguNkulunkulu wenu;


Wathi kubo: “Namukele uMoya oNgcwele selokhu nakholwa na? Base bethi kuye: “Asikaze sizwe ukuthi kukhona uMoya oNgcwele.”


“Kuyakuthi ngezinsuku zokugcina, usho uJehova, ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama, amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, nezinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho;


Ngakho-ke ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, ukuchithile lokhu enikubonayo nenikuzwayo manje.


UPetru wayesethi kubo: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono, khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.


Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.


UNkulunkulu ka-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, uNkulunkulu wawokhokho bethu, uyikhazimulisile iNdodana yakhe uJesu; enamkhaphela nina, namphika phambi kukaPilatu, yena esenqumile ukumkhulula.


Kwathi sebekhulekile, indawo ababebuthene kuyo yazamazama; basebegcwaliswa bonke ngoMoya oNgcwele, basebekhuluma ilizwi likaNkulunkulu ngesibindi.


Kepha nina anisenyameni, kodwa nikuMoya, uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini. Kepha uma umuntu engenaye uMoya kaKristu, lowo kasiye owakhe.


Inkonzo kaMoya ayiyikuba nenkazimulo kakhulu na?


Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube lusuku lokuhlengwa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka