Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 19:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Wabuye wangena endlini yokwahlulela, wathi kuJesu: “Ungowaphi na? Kodwa uJesu kamphendulanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 wabuye wangena enqabeni, wathi kuJesu: “Ungowaphi wena na?” Kepha uJesu kamphendulanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 wabuye wangena endlini yokwehlulela, wathi kuJesu: “Ungowaphi wena na?” Kepha uJesu akamphendulanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Wabuye wangena endlini yokwahlulela, wathi kuJesu: “Ungowaphi na? Kodwa uJesu kamphendulanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 19:9
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wacindezelwa, waba lusizi, kepha akawuvulanga umlomo wakhe; njengewundlu uyiswa ekuhlatshweni, nanjengemvu isimungulu phambi kwabagundi bayo, kanjalo akawuvuli umlomo wakhe.


Kodwa uJesu wathula. Umpristi omkhulu wasephendula wathi kuye: Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo, ukuthi usitshele ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu.


Khona amasosha ombusi amthatha uJesu amyisa enqabeni, abuthela kuye lonke ibutho.


Wasembuza ngamazwi amaningi; kodwa akamphendulanga lutho.


Base bemhola uJesu kuKayafase bamusa endlini yokwahlulela; futhi bona abazange bangene endlini yokwahlulela, funa bangcoliswe; kodwa ukuze badle iphasika.


UPilatu wayesephinda engena endlini yokwahlulela, wabiza uJesu, wathi kuye: “Wena uyinkosi yabaJuda na?


UJesu wamphendula wathi: “Uzisho lokho wena, noma abanye bakutshele ngami na?


UPilatu wasesithi kuye: Ngakho wena uyinkosi yini? UJesu waphendula wathi: Wena uthi ngiyinkosi. Ngazalelwa lokho, futhi ngezela lokho ezweni, ukuze ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.


UPilatu wayesethi kuye: “Awukhulumi kimi na? Awazi yini ukuthi nginamandla okukubethela, nginamandla okukukhulula na?


Kuthe uPilatu esizwa lelo zwi, wesaba kakhulu;


UJesu waphendula, wathi kubo: “Noma ngizifakazela mina, ubufakazi bami buqinisile, ngokuba ngiyazi lapho ngavela khona nokuthi ngiyaphi; kodwa lina kalikwazi lapho engivela khona lalapho engiya khona.


ningethuswe ngalutho ngabamelene nani, okuwuphawu lokubhubha kubo, kodwa kinina lwensindiso, nolukaNkulunkulu.


Owesifazane wayesefika, watshela indoda yakhe, wathi: “Kufike kimi umuntu kaNkulunkulu, ubuso bakhe bunjengobuso bengelosi kaNkulunkulu, besabeka kakhulu; kepha angimbuzanga ukuthi uvelaphi, akangitshelanga negama lakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka