Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 6:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Khona bakhohlisa amadoda athi: Simzwile ekhuluma amazwi enhlamba ngoMozisi langoNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Khona bathenga amadoda athi: “Simzwile ekhuluma amazwi enhlamba ngoMose nangoNkulunkulu,”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

11 Base beshusha amadoda ngasese ukuba athi: “Simzwile ekhuluma amazwi ahlambalazayo ngoMose nangoNkulunkulu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Khona bakhohlisa amadoda athi: Simzwile ekhuluma amazwi enhlamba ngoMozisi langoNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 6:11
28 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ungasakazi amahemuhemu; ungahlanganisi izandla nomubi ukuba ube ngufakazi ongalungile.


Abapristi nabaprofethi bakhuluma ezikhulwini nakubantu bonke, bathi: “Lo muntu ufanelwe ukufa; ngokuba waprofetha ngalo muzi, njengalokho nizwile ngezindlebe zenu.


Kwathi esesangweni lakwaBenjamini, kwakukhona induna yabalindi, igama layo lingu-Iriya indodana kaShelemiya kaHananiya; yambamba umprofethi uJeremiya, yathi: “Niwela kumaKaledi.


Ohlambalaza igama likaJehova wobulawa nokubulawa, inhlangano yonke imkhande ngamatshe; kokubili umfokazi nowokuzalwa ezweni, lapho ehlambalaza iGama leNkosi, uyabulawa.


Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu.


Lalokhu bayakukwenza kini, ngokuba bengamazanga uBaba noma mina.


Siyazi ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuMose;


Ngokuba uMose kwasendulo unabamshumayelayo emizini yonke, efundwa emasinagogeni isabatha ngamasabatha.


Kwathi bemphikisa, behlambalaza, wathintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu; Mina ngihlanzekile: kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.


ememeza esithi: Madoda akwaIsrayeli, sizani! Lona nguye umuntu ofundisa bonke ezindaweni zonke okuphambene nabantu, nomthetho, nalendawo, futhi engenisa namaGreki ethempelini, wayingcolisa le ndawo engcwele.


Bacela umusa ngaye ukuba ambize eJerusalema, beqamekele ukuba bambulale endleleni.


Esefikile, abaJuda abehla bevela eJerusalema bama bemhaqa, bamangalela uPawulu izimangalo eziningi ezimbi, abangenakuzifakazela.


Nasemasinagogeni onke ngabajezisa kaningi, ngibacindezela ukuba bahlambalaze; futhi njengoba ngibathukuthelele kakhulu, ngabazingela kwaze kwaba semizini yabezizwe.


Kodwa babengelakho ukumelana lokuhlakanipha loMoya ayekhuluma ngaye.


Basebevusa abantu labadala lababhali, basebesondela kuye, bambamba, bamusa emphakathini;


Base bemisa ofakazi bamanga abathi: “Lona kayeki ukukhuluma amazwi ayinhlamba ngale ndawo engcwele nangomthetho;


Njalo kungabi njengalokhu sihletshwa, lanjengoba abanye bathi sithi: Asenze okubi, ukuze kuvele okuhle? ukulahlwa kwabo kungukulunga.


Ngake ngaba ngumhlambazi, nomzingeli, nomhlukumezi, kodwa ngahawukelwa, ngokuba ngangikwenza ngokungazi ngokungakholwa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka