Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 12:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 Kwathi uHerode emfuna engamtholi, waphenya abalindi, wayala ukuba babulawe. Wehla eJudiya, waya eKesariya, wahlala khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 UHerode esemfunile engamfumananga, wabuzisisa abalindi, wayala ukuba babulawe. Wayesehla eJudiya, waya eKesariya, wahlala khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

19 UHerode esemfune waze wancama engamtholi, wabuzisisa kubalindi, wayeseyala ukuba babulawe. Yena wehla eJudiya, waya eKhesariya, wahlala khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Kwathi uHerode emfuna engamtholi, waphenya abalindi, wayala ukuba babulawe. Wehla eJudiya, waya eKesariya, wahlala khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 12:19
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkosi yakwa-Israyeli yahamba idangele futhi ithukuthele endlini yayo, yafika eSamariya.


UMoridekayi wabuye wafika esangweni lenkosi; Kepha uHamani waphuthuma endlini yakhe, elila, ezimboze ikhanda.


Inkosi yayala uJerakimeli indodana yenkosi, noSeraya, indodana ka-Asiriyeli, noShelemiya, indodana ka-Abideyeli, ukuba babambe uBharuki umbhali noJeremiya umprofethi; kepha uJehova wabafihla.


Kwathi uJesu esezelwe eBetlehema laseJudiya emihleni kaHerode inkosi, bheka, kwafika eJerusalema izazi zivela empumalanga,


Kwathi sezimukile, khangela, ingilosi yeNkosi yabonakala kuJosefa ngephupho, ithi: Vuka uthathe umntwana omncane lonina, ubalekele eGibhithe, uhlale khona ngize ngikubikele; izofuna umntwana omncane ukuba ambhubhise.


Khona uHerode, ebona ukuthi uklolodelwe yizazi, wathukuthela kakhulu; isikhathi ayebuzisise ngaso kwabahlakaniphileyo.


Kwathi sekusile, kwaba khona isiphithiphithi esingesincane phakathi kwamabutho kokuthi uPetro wehlelwe yini.


Esembambile, wamfaka etilongweni, wamnikela ekamu lamabutho amane, ukuba amlinde; ehlose ukumkhuphela ebantwini emva kwePhasika.


Kwathi uHerode esezomkhipha, ngalobo busuku uPetru wayelele phakathi kwamasosha amabili, eboshwe ngamaketanga amabili, nabalindi phambi komnyango belinda itilongo.


Kwathi umgciniziboshwa ephaphama, ebona iminyango yetilongo ivulekile, wahosha inkemba yakhe, efuna ukuzibulala, ngokuthi iziboshwa zibalekile.


Ngangomuso sasuka, safika eKesariya, sangena endlini kaFiliphu umvangeli, owayengomunye wabayisikhombisa; wahlala laye.


Kwathi emva kwezinsuku ezithile u-Agripha inkosi noBernike bafika eKesariya ukuyobingelela uFestu.


Lapho icebo lamasosha lalingukubulala iziboshwa, funa zibhukude zibaleke.


Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azotu, wahamba eshumayela emizini yonke, waze wafika eKesariya.


UDavide wahlala ehlane ezinqabeni, wahlala entabeni ehlane laseZifi. USawule wamfuna zonke izinsuku, kepha uNkulunkulu akamnikelanga esandleni sakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka