Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 1:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Esandleni sakhe sokunene wayephethe izinkanyezi eziyisikhombisa, nasemlonyeni wakhe kuphuma inkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, nobuso bakhe bunjengelanga elikhanya ngamandla alo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 futhi wayephethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, nasemlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, nobuso bakhe bunjengelanga likhanya ngamandla alo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

16 Wayephethe esandleni sakhe sokunene izinkanyezi eziyisikhombisa, emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali nhlangothi zombili, ubuso bakhe bukhazimula njengelanga likhanya bha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Esandleni sakhe sokunene wayephethe izinkanyezi eziyisikhombisa, nasemlonyeni wakhe kuphuma inkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, nobuso bakhe bunjengelanga elikhanya ngamandla alo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 1:16
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lapho izinkanyezi zokusa zahlabelela kanyekanye, futhi wonke amadodana kaNkulunkulu ajabula?


Bhinca inkemba yakho okhalweni lwakho, wena Somandla, ngodumo lwakho nobukhosi bakho.


Ngubani lo obonakala njengokusa, emuhle njengenyanga, ekhanya njengelanga, owesabekayo njengebutho eliphethe amabhanela?


Kodwa ngobulungisa iyokwahlulela abampofu futhi isole abathobekileyo bomhlaba ngobuqotho; futhi uyoshaya umhlaba ngentonga yomlomo wakhe, futhi ngomoya wezindebe zakhe uyobulala ababi.


Inyanga iyakuma inamahloni, nelanga lijabhe, lapho uJehova Sebawoti eyakubusa eNtabeni yaseSiyoni naseJerusalema nangokukhazimulayo phambi kwamalunga akhe.


Wawenza umlomo wami waba njengenkemba ebukhali; ethunzini lesandla sakhe wangithukusa, wangenza isiqu esiphucuziweyo; wangithukusa emgodleni wakhe;


Labahlakaniphileyo bayakukhanya njengokubenyezela komkhathi; nalabo abaphendulela abaningi ekulungeni njengezinkanyezi kuze kube phakade naphakade.


Yaba nkulu kwaze kwaba sebandleni lasezulwini; yalahla phansi enye yebandla nezinye zezinkanyezi, yakunyathela.


Kepha kinina enesaba igama lami, ilanga lokulunga liyakuphuma linokuphilisa phansi kwamaphiko alo; niyophuma nikhule njengamankonyane esibayeni.


Waseguqulwa isimo phambi kwabo, ubuso bakhe bakhazimula njengelanga, nezingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya.


Emini enkulu, nkosi, ngisendleleni ngabona ukukhanya okuvela ezulwini okungaphezu kokukhanya kwelanga, kungikhanyisa nxazonke zami nababehamba nami.


Nithathe isigqoko sensindiso, nenkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu;


Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo.


Imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibonileyo esandleni sami sokunene, nezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide. Izinkanyezi eziyisikhombisa ziyizingelosi zamabandla ayisikhombisa, nezinti zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa.


Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ezulwini, yembethe ifu, kunothingo ekhanda layo, nobuso bayo bunjengelanga, nezinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo;


Kwabonakala isibonakaliso esikhulu ezulwini; owesifazane embethe ilanga, nenyanga iphansi kwezinyawo zakhe, nasekhanda lakhe kukhona umqhele wezinkanyezi eziyishumi nambili;


Emlonyeni wakhe kuphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye ngayo izizwe, azibusa ngentonga yensimbi, unyathela isikhamo sewayini solaka nolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke.


Abaseleyo babulawa ngenkemba yohlezi ehhashini, inkemba ephuma emlonyeni wakhe, nezinyoni zonke zasutha inyama yabo.


Kuyo ingelosi yebandla lase-Efesu loba ukuthi: “Nakhu akushoyo ophethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, ohamba phakathi kwezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide;


Nakuyo ingelosi yebandla lasePhergamu loba ukuthi: “Nakhu akushoyo onenkemba ebukhali esika nhlangothi zombili;


Phendukani; uma kungenjalo, ngizakuza kuwe masinyane, ngilwe nabo ngenkemba yomlomo wami.


Nakuyo ingelosi yebandla laseSardesi loba ukuthi: Nakhu akushoyo onawoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu, nezinkanyezi eziyisikhombisa; Ngiyayazi imisebenzi yakho, ukuthi unegama lokuthi uyaphila, kanti ufile.


Kodwa u-Ehudi wazenzela inkemba esika nhlangothi zombili, ubude bayo buyingalo; walibhinca ngaphansi kwengubo yakhe ethangeni lakhe lokunene.


Mazibhubhe zonke izitha zakho, Jehova, kepha abamthandayo mababe njengelanga lapho liphuma ngamandla alo. Izwe laphumula iminyaka engamashumi amane.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka