Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 90:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Zingakaveli izintaba, kungakhathaliseki ukuthi wawenza umhlaba nezwe, kusukela phakade kuze kube phakade wena unguNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Kungakaveli izintaba, ungakawenzi umhlaba nezwe, kuthi kusukela phakade kuze kube phakade wena Nkulunkulu ukhona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Zingakaveli izintaba, umhlaba, nezwe ungakakudali, kusukela phakade kuze kube phakade, Wena, Nkulunkulu, ukhona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 90:2
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.


Ingabe ungowokuqala owazalwa? noma wenziwa zingakabi khona izintaba na?


Bhekani, uNkulunkulu mkhulu, kepha asimazi, nenani leminyaka yakhe alinakulandelwa.


Uzasukuma ube lomusa eZiyoni, ngoba isikhathi sokulithokozisa, yebo, isikhathi esimisiweyo sesifikile.


Kepha umusa kaJehova ukhona kwabamesabayo kusukela phakade kuze kube phakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana;


Owenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, ogcina iqiniso kuze kube phakade;


Ngokuba wakhuluma, kwaba; wayala, yaqhubeka imile.


Isihlalo sakho sobukhosi simi kwasendulo, wena ukhona kwaphakade.


U-Aroni welula isandla sakhe phezu kwamanzi aseGibithe; amasele akhuphuka, asibekela izwe laseGibithe.


Usho kanje uJehova, iNkosi ka-Israyeli, noMhlengi wakhe, uJehova Sebawoti; Mina ngingowokuqala, futhi ngingowokugcina; futhi akakho uNkulunkulu ngaphandle kwami.


Bhekani Kimi, nisindiswe, nonke mikhawulo yomhlaba, ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye.


Ngokuba usho kanje oPhezukonke, ohlala phakade, ogama lakhe lingcwele; ngihlala phezulu nasendlini engcwele, ngikanye nabadabukileyo komoya othobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, ngivuselele inhliziyo yabadabukileyo.


Ngabuka zaze zaphonswa phansi izihlalo zobukhosi, kwahlala oMdala wezinsuku, ingubo yakhe imhlophe njengeqhwa, nezinwele zekhanda lakhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo; isihlalo sakhe sobukhosi sasinjengelangabi lomlilo namasondo aso njengomlilo ovuthayo.


Kepha wena, Betlehema Efrata, noma umncane phakathi kwezinkulungwane zakwaJuda, uyakuphuma kuwe eze kimi, oyakuba ngumbusi kwa-Israyeli; okuphuma kwawo kwakusukela endulo, kwaphakade.


Wena Jehova, Nkulunkulu wami, oNgcwele wami, awungowaphakade na? ngeke sife. Jehova, wabamisela ukwahlulela; futhi, O Nkulunkulu onamandla, wabaqinisekisa ukuba baqondiswe.


UJesu Kristu unguye izolo, nanamuhla, naphakade.


Mina ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho, isho iNkosi, ekhona, neyayikhona, nezayo, uMninimandla onke.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka