Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 85:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngempela, insindiso yakhe iseduze kwabamesabayo; ukuze inkazimulo ihlale ezweni lakithi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Impela insindiso yakhe iseduze nabamesabayo, ukuze kuhlale udumo ezweni lethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 Impela insindiso yakhe iseduzane nabamesabayo, ukuze inkazimulo yakhe ihlale ezweni lakithi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 85:9
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Insindiso ikude nababi, ngokuba abafuni izimiso zakho.


Oletha udumo uyangidumisa; nakulowo oqondisa ukuhamba kwakhe, ngiyakumazisa insindiso kaNkulunkulu.


Futhi uJehova uyodala phezu kwayo yonke indawo yokuhlala yeNtaba iZiyoni naphezu kwamabandla ayo ifu nomusi emini nokukhanya komlilo ovuthayo ebusuku, ngoba phezu kwayo yonke inkazimulo kuyoba khona indawo yokucasha.


Ngisondeza ukulunga kwami; akuyikuba kude, nensindiso yami ayiyikulibala; ngiyakubeka insindiso eSiyoni ku-Israyeli, inkazimulo yami.


Niyakusho-ke, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, nalowo kumfowabo, nithi: ‘UJehova waphendula wathini na? nokuthi: UJehova ukhulumeni na?


Ngakho uzakuthi kumprofethi: UJehova wakuphendula wathini? nokuthi: UJehova ukhulumeni na?


Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabangayo ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula, kungabi ngeyokubi ukuba ngininike ithemba.


Uma ngikwehlisela kanye nabehlela egodini, kanye nabantu basendulo, ngikwehlisele ekujuleni komhlaba, ezindaweni ezashiywa kudala, kanye nabehlela egodini, ukuthi anihlalwa muntu; ngiyakukhazimulisa ezweni labaphilayo;


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, thatha onke amazwi ami engiyakuwakhuluma kuwe enhliziyweni yakho, uwezwe ngezindlebe zakho.


Ngiyakuma ewashini lami, ngihlale phezu kombhoshongo, ngibuke ukuba ngibone ukuthi uyakuthini kimi nokuthi ngiyakuphendula ngokuthini lapho ngisolwa.


Ngokuba mina, usho uJehova, ngiyakuba lugange lomlilo kulo nxazonke nenkazimulo phakathi kwalo.


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ngemva kwenkazimulo wangithuma ezizweni enaziphanga; ngokuba othinta nina uthinta inhlamvu yeso lakhe.


ukukhanya kokukhanyisa abezizwe, nenkazimulo yabantu bakho u-Israyeli.


ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.


Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzokwazi ngemfundiso ukuthi ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela mina ngokwami.


Wayesesukuma uPawulu, waqhweba ngesandla, wathi: “Madoda akwa-Israyeli, nani nesaba uNkulunkulu, lalelani.


Ngakho uEli wathi kuSamuweli: Lala phansi; kuzakuthi lapho esekubiza, uthi: Khuluma, Jehova! ngoba inceku yakho iyezwa. USamuweli wahamba, walala endaweni yakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka