Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 85:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngiyakuzwa lokho uNkulunkulu uJehova ayakukukhuluma, ngokuba uyakukhuluma ukuthula kubantu bakhe nakwabangcwele bakhe; kodwa kababuyele ebuwula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Mangizwe lokho uNkulunkulu uJehova azakukukhuluma; uyakhuluma ukuthula kubantu bakhe nakubo abamesabayo; mabangabuyeli ebuwuleni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 Ngizokuzwa lokho uNkulunkulu uSimakade azokusho, uzosho ukuthula kubantu bakhe, nakulabo abamesabayo. Mabangabuyeli ebuwuleni!

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 85:8
29 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Amadodana kaJakobe afika evela endle ekuzwa lokho, amadoda adabuka, athukuthela kakhulu, ngokuba wenze ubuwula kwa-Israyeli ngokulala nendodakazi kaJakobe; okuyinto okungafanele yenziwe.


Kodwa kuwe kukhona ukuthethelelwa, ukuze wesatshwe.


UJehova uyakunika abantu bakhe amandla; uJehova uyakubusisa abantu bakhe ngokuthula.


Buthelani kimi abangcwele bami; labo abenza isivumelwano Nami ngemihlatshelo.


Izwi elikhulunywe kahle linjengama-apula egolide asezithombeni zesiliva.


Ngisho noma uhlahlela isiwula odakeni phakathi kukakolweni ngokuhlatshwa, ubuwula baso abuyikusuka kuso.


Ngiyadala isithelo sezindebe; Ukuthula, ukuthula kuye okude nakuye oseduze,” usho uJehova; ngiyakumphulukisa.


Ngiyakuma ewashini lami, ngihlale phezu kombhoshongo, ngibuke ukuba ngibone ukuthi uyakuthini kimi nokuthi ngiyakuphendula ngokuthini lapho ngisolwa.


Inkazimulo yale ndlu yokugcina iyakuba nkulu kuneyokuqala,” usho uJehova Sebawoti; kulendawo ngizanika ukuthula,” kutsho uJehova uSomandla.


Ngiyakunquma inqola kwa-Efrayimi nehhashi eJerusalema, umnsalo wokulwa unqunywe; futhi uyokhuluma ukuthula kwabezizwe; ukubusa kwakhe kuyakuba kusukela olwandle kuze kufike elwandle, futhi kusukela emfuleni iNayile kuze kube semikhawulweni yomhlaba.


Ukuthula ngikushiya kini, ukuthula kwami ngininika khona; angininiki njengokupha kwezwe. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi;


Ngalolo suku kusihlwa, ngolokuqala lweviki, iminyango ivaliwe lapho ababebuthene khona abafundi ngokwesaba abaJuda, uJesu wafika wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina.


Kwathi emva kwezinsuku eziyisishiyagalombili abafundi bakhe bengaphakathi futhi, noTomase enabo; uJesu wafika, iminyango ivaliwe, wema phakathi kwabo, wathi: “Ukuthula makube kinina.


Ngasemuva uJesu wamfumana ethempelini, wathi kuye: “Bheka, ususindile;


Wathi: Kakho, Nkosi. UJesu wathi kuye: “Nami angikulahli; hamba, ungabe usona.”


Ilizwi uNkulunkulu alithumela kubantwana bakoIsrayeli, etshumayela ukuthula ngoJesu Kristu, yena oyiNkosi yabo bonke;


UNkulunkulu eseyivusile iNdodana yakhe uJesu, wayithuma kini kuqala, ukuze anibusise ngokuniphendula yilowo nalowo ebubini bakhe.


Kepha manje lokhu senimazi uNkulunkulu, noma kunalokho naziwa nguNkulunkulu, senibuyela kanjani ezimisweni ezibuthakathaka neziwubala, enithanda ukubuye nibe yizigqila zazo na?


Weza washumayela ivangeli lokuthula kinina enanikude, nakubo abaseduze.


Kepha iNkosi yokuthula uqobo mayiniphe ukuthula ngezikhathi zonke ngezindlela zonke. INkosi mayibe nani nonke.


Nokho isisekelo sikaNkulunkulu simi siqinile, sinalolu phawu: INkosi iyabazi abangabayo. Futhi, Wonke obiza ibizo likaKristu kadede ebubini.


Qaphelani ukuthi ningamali okhulumayo. Ngokuba uma bengaphunyukanga abamala lowo owakhuluma emhlabeni, kakhulu kangakanani thina, uma simfulathela okhuluma esezulwini;


Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale; ngakho shisekela, uphenduke.


Inkosi yami mayingamnaki lo muntu omubi, uNabali, ngokuba njengegama lakhe unjalo; nguNabali igama lakhe, nobuwula bukuye; kepha mina nceku yakho angizibonanga izinsizwa zenkosi yami owazithuma.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka