Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 78:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 Yebo, bakhuluma kabi ngoNkulunkulu; bathi: UNkulunkulu angadeka itafula ehlane na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Bakhuluma kabi ngoNkulunkulu, bathi: “UNkulunkulu angalungisa isithebe ehlane na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

19 Bakhuluma kabi ngoNkulunkulu, bathi: “UNkulunkulu angalendlala yini itafula ehlane na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 78:19
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Umnumzane inkosi encike esandleni sakhe wamphendula umuntu kaNkulunkulu, wathi: “Bheka, uma uJehova efuna ukwenza amafasitele ezulwini, le ndaba ingenzeka na? Wathi: “Bheka, uyakukubona ngamehlo akho, kepha ungadli kukho.”


Bakhuluma kabi ngoNkulunkulu waseJerusalema njengonkulunkulu bezizwe zomhlaba, ababengumsebenzi wezandla zabantu.


Ngokuba enezela ukuhlubuka esonweni sakhe, ushaya ihlombe phakathi kwethu, andise amazwi akhe ngokumelene noNkulunkulu.


Ulungisa itafula phambi kobuso bami phambi kwezitha zami; Ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima.


Abantwana bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi safa ngesandla sikaJehova ezweni laseGibithe, sihlezi ngasemakhanzini enyama, sidla inala yesinkwa; ngoba nisikhiphise kuleli hlane ukuba nibulale lonke leli bandla ngendlala.


Ngizakutholaphi inyama yokupha bonke lababantu? ngokuba bakhala kimi, bathi: ‘Siphe ukudla, sidle.’


Isixuku esasiphakathi kwabo salamba, nabantwana bakwa-Israyeli baphinda bakhala, bathi: “Ngubani ozosinika inyama ukuba sidle na?”


Abantu baphikisana noMose, bakhuluma bathi: “Sengathi nga safa lapho abafowethu bafa phambi kukaJehova!


Abantu bakhuluma kabi ngoNkulunkulu nangoMose, bathi: “Nisikhuphuleleni eGibithe ukuba sifele ehlane na? ngokuba akukho sinkwa namanzi; umphefumulo wethu uyasenyanya lesi sinkwa esilula.


Kodwa wena muntu, ungubani wena ophendula ngoNkulunkulu? Okubunjiweyo kungasho yini kowakubumbayo ukuthi: ‘Ungenzeleni kanjalo na?


Savula umlomo waso ukuhlambalaza uNkulunkulu, ukuhlambalaza igama lakhe netabernakele lakhe, nabahlezi ezulwini.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka