Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 17:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 U-Abisalomu nawo onke amadoda akwa-Israyeli bathi: “Iseluleko sikaHushayi um-Arki singcono kuneseluleko sika-Ahithofeli. Ngokuba uJehova wanquma ukuchitha iseluleko esihle sika-Ahithofeli, ngenjongo yokuthi uJehova uzomehlisela okubi u-Abisalomu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 U-Abisalomu nabantu bonke bakwa-Israyeli bathi: “Isiluleko sikaHushayi umArki singcono kunesiluleko sika-Ahithofeli.” Ngokuba uJehova wayenqumile ukuba kushafiswe isiluleko esihle sika-Ahithofeli, ukuze uJehova amehlisele u-Abisalomu okubi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

14 U-Absalomu nabantu bonke bakwa-Israyeli bathi: “Iseluleko sikaHushayi, umArikhi, singcono kuneseluleko sika-Ahithofeli.” Ngokuba uSimakade wayenqumile ukuba kubhuntshe iseluleko esihle sika-Ahithofeli, ukuze uSimakade amehlisele okubi u-Absalomu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 17:14
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi: “Igama lakho alisayikuthiwa uJakobe, kepha u-Israyeli;


Kwasekubikelwa uDavida, kwathiwa: UAhithofeli uphakathi kwamagobe kaAbisalomu. UDavide wathi: “Jehova, guqula icebo lika-Ahithofeli libe ubuwula.


Kepha uma ubuyela emzini, uthi ku-Abisalomu: ‘Ngiyinceku yakho, nkosi; njengalokhu ngangiyinceku kayihlo kuze kube manje, ngiyakuba-yinceku yakho manje; khona-ke ungangehlula isiluleko sika-Ahithofeli.


Iseluleko sika-Ahithofeli asinikeza ngalezo zinsuku sasinjengokungathi umuntu ubuza ezwini likaNkulunkulu; sasinjalo sonke iseluleko sika-Ahithofeli kuDavide naku-Abisalomu.


Ngalokho inkosi ayizange ibalalele abantu, ngokuba le ndaba yayingekaNkulunkulu, ukuze uJehova afeze izwi lakhe alikhuluma ngesandla sika-Ahiya waseShilo kuJerobowamu indodana kaNebati.


Kodwa wasishiya iseluleko amadoda amadala ayemnike sona, wacebisana nezinsizwa ayezonda ngazo ezazimi phambi kwakhe.


Esakhuluma naye, inkosi yathi kuye: “Wenziwa ngokwesiluleko senkosi na?” ibhere; kungani kufanele ushaywe? Umprofethi wawumisa wathi: “Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu unqume ukunibhubhisa, ngokuba nenze lokhu, anilalelanga iseluleko sami.


Kepha u-Amasiya akalalelanga; ngokuba kwavela kuNkulunkulu ukubanikela esandleni sezitha zabo, ngokuba babefuna onkulunkulu bakwa-Edomi.


Kwathi lapho izitha zethu zizwa ukuthi kwaziwa yithi nokuthi uNkulunkulu walichitha icebo lazo, sabuyela sonke odongeni, kwaba yilowo nalowo emsebenzini wakhe.


Uyabahola abeluleki abaphangiwe, enze abahluleli babe iziwula.


Abezizwe bacwila emgodini ababewenzile; enetheni bacasha, olwabo unyawo lwabanjwa.


UJehova uyaziwa ngesahlulelo sakhe; omubi uhileleke emsebenzini wezandla zakhe. I-Higgaion. Sela.


Ngakuvusa-ke impela, ukuze ngibonakalise amandla ami kuwe; nokuthi igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.


Kunamacebo amaningi enhliziyweni yomuntu; nokho icebo likaJehova liyakuma.


Akukho kuhlakanipha, nokuqonda, nasiluleko esingamelana noJehova.


Celanani icebo, kepha liyachitheka; khulumani izwi, kodwa aliyikuba, ngokuba uNkulunkulu unathi.


Ngubani othi, kwenzeke, uma iNkosi ingakuyali na?


Noma becasha esiqongweni seKarmeli, ngiyakubaphenya, ngibasuse; noma becashile ebusweni bami phansi kolwandle, ngiyakuyala inyoka lapho, ibalume.


Inkosi yamtusa umphathi ongalungile, ngokuba wenze ngokuhlakanipha; ngokuba abantwana balesi sikhathi bahlakaniphile esizukulwaneni sabo kunabantwana bokukhanya.


Ngokuba ukuhlakanipha kwaleli zwe kungubuwula kuNkulunkulu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ubamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo.


Kepha uSihoni inkosi yaseHeshiboni akasivumelanga ukuba sidlule kuye, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wenza lukhuni umoya wakhe, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe ukuba amnikele esandleni sakho, njengokuba kubonakala namuhla.


Ngokuba kwavela kuJehova ukwenza lukhuni izinhliziyo zabo ukuba bahlasele u-Israyeli, abashaye ngesiqalekiso esichithayo, bangabi namusa, kodwa ukubachitha, njengalokho uJehova emyalile uMose.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka