Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 13:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 USawule wazikhethela amadoda ayizinkulungwane ezintathu kwa-Israyeli; izinkulungwane ezimbili zazo zazinoSawule eMigimasi nasentabeni yaseBethele, nenkulungwane inoJonathani eGibeya lakwaBenjamini; abanye abantu wabamukisa, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 USawule wazikhethela abantu abayizinkulungwane ezintathu kwa-Israyeli; izinkulungwane ezimbili zazinoSawule eMikimashi nasentabeni yaseBethele, nenkulungwane yayinoJonathani eGibeya lakwaBenjamini; abanye abantu wabamukisa, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 waqoka abantu abayizi-3 000 kwa-Israyeli. Abayizi-2 000 baba noSawule eMikhimashi nasentabeni eBhethele, inkulungwane yaba noJonathani eGibheya kwaBhenjamini. Abanye abantu wabaphindisela emuva, kwaba yilowo nalowo waya ethendeni lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 13:2
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwaba khona umuntu kaBheliyali ogama lakhe linguSheba, indodana kaBigi umBenjamini; wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, futhi asinafa endodaneni kaJese.” Yilowo nalowo makaye ematendeni akhe, Israyeli!


Masinikwe amadoda ayisikhombisa emadodaneni akhe, siwalengise phambi kukaJehova eGibeya likaSawule uJehova alikhethileyo. Inkosi yasisithi: Ngizabanika.


uHelebe indodana kaBahana umNethofa, no-Ithayi indodana kaRibayi waseGibeya yabantwana bakwaBenjamini;


amadoda aseMigimasi: yikhulu namashumi amabili nambili;


Futhi abantwana bakwaBenjamini eGeba bahlala eMigimashi, nase-Aya, naseBethele nasemizini yayo.


neSela, ne-Elefi, neJebusi eliyiJerusalema, neGibeyati, neKiriyati; imizi eyishumi nane nemizana yayo. Leli laliyifa labantwana bakwaBhenjamini ngezizukulwane zabo.


UJoshuwa wababusisa, wabamukisa, baya ematendeni abo.


Inkosi yakhe yathi kuye: “Asiyikusuka lapha, siye emzini womfokazi ongesiye owabantwana bakwa-Israyeli; siyakuwelela eGibeya.


Naye uSawule waya ekhaya eGibeya; kwahamba naye iviyo lamadoda anhliziyo yawo yayithinte uNkulunkulu.


Emva kwalokho uyakufika entabeni kaNkulunkulu, lapho ibutho lamaFilisti likhona; lapho ufika khona emzini, uyakubona uquqaba lwabaprofethi behla phezulu bephethe ihabhu nesigubhu nesigubhu nehabhu phambi kwabo; bayakuprofetha;


USawuli wasebusa phezu kukaIsrayeli umnyaka owodwa.


USamuweli wasesithi: Wenzeni? USawule wayesethi: “Ngokuba ngibonile ukuthi abantu bahlakazekile kimi, nokuthi anifikanga ngezinsuku ezimisiweyo, nokuthi amaFilisti abuthana eMigimasi;


USamuweli wasuka, wakhuphuka eGiligali, waya eGibeya lakwaBenjamini. USawule wabala amadoda ayenaye kungathi amadoda angamakhulu ayisithupha.


OSawule noJonathani indodana yakhe namadoda ayenabo bahlala eGibeya lakwaBenjamini, kepha amaFilisti amisa eMigimasi.


Ibutho lamaFilisti laphuma laya esihogweni saseMigimasi.


AmaFilisti abuthana ukulwa no-Israyeli: izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisithupha namadoda angangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi; benyuka bamisa inkamba eMigimasi ngasempumalanga kwaseBeti Aveni.


Bawachitha amaFilisti ngalolo suku kusukela eMigimashi kuze kube se-Ajaloni, futhi abantu badinwa kakhulu.


Ingaphambili lelinye lalibheke ngasenyakatho ngaseMigimasi, nelinye ngaseningizimu ngaseGibeya.


Kwakukhona impi enzima namaFilisti zonke izinsuku zikaSawule; lapho uSawule ebona indoda enamandla noma iqhawe, wamyisa kuye.


USamuweli waya eRama; uSawule wakhuphukela endlini yakhe eGibeya kaSawule.


Wafika ezibayeni zezimvu ngasendleleni, lapho kwakukhona khona umhume; uSawule wangena ukumboza izinyawo zakhe, kepha uDavide nabantu bakhe bahlala ezinhlangothini zomhume.


USawule wayeseqeda, wehlela ehlane laseZifi, kanye naye abantu abayizinkulungwane ezintathu abakhethiweyo bakwa-Israyeli ukumfuna uDavide ehlane laseZifi.


Wathi: “Nansi indlela yenkosi eyakubusa phezu kwenu: iyakuthatha amadodana enu, iwamisele wona abe yizinqola zayo nangabamahhashi bayo; abanye bayakugijima phambi kwezinqola zakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka