Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 12:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Base bebiza uJehova, bathi: “Sonile, ngokuba simshiyile uJehova, sakhonza oBali no-Ashitaroti; kepha manje usikhulule esandleni sezitha zethu, siyakukukhonza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Bakhala kuJehova, bathi: ‘Sonile, ngokuba simshiyile uJehova, sakhonza oBali no-Ashitaroti; kodwa kalokhu sophule esandleni sezitha zethu, siyakukukhonza.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

10 Bakhala kuSimakade, bathi: ‘Sonile, samshiya uSimakade, sakhonza uBhali no-Ashitharothi, kodwa manje sihlenge esandleni sezitha zethu, siyakukukhonza.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 12:10
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kodwa walubona usizi lwabo lapho ezwa ukukhala kwabo.


Jehova, ekuhluphekeni bakuhambela, bathulula umkhuleko ekujeziseni kwakho phezu kwabo.


Ngokuba uJehova ungumahluleli wethu, uJehova unguMniki-mthetho wethu, uJehova uyinkosi yethu; uzosisindisa.


Inxenye yakwaGileyadi, ne-Ashitaroti, ne-Edireyi, imizi yombuso ka-Ogi eBashani, yayingelabantwana bakwaMagiri indodana kaManase, inxenye yabantwana bakwaMagiri ngemindeni yabo.


Abantwana bakwa-Israyeli bakhuleka kuJehova, bathi: “Sonile kuwe, ngokuba simshiyile uNkulunkulu wethu, sakhonza oBali.


Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bakhonza oBali.


Bamshiya uJehova, bakhonza oBali no-Ashitaroti.


Kepha abantwana bakwa-Israyeli bembiza uJehova, uJehova wabavusela umsindisi, u-Ehudi indodana kaGera, umBenjamini, umuntu oyinxele; futhi ngaye abantwana bakwa-Israyeli bathumela isipho ku-Egiloni, inkosi yakwaMowabi.


Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bamkhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, bakhonza oBali nezihlahla.


Lapho abantwana bakwa-Israyeli bembiza uJehova, uJehova wabavusela abantwana bakwa-Israyeli umsindisi owabakhulula, u-Otheniyeli indodana kaKenazi, umfowabo omncane kaKalebi.


Abantwana bakwa-Israyeli bakhuleka kuJehova, ngokuba wayenezinqola zensimbi ezingamakhulu ayisishiyagalolunye; iminyaka engamashumi amabili wabacindezela kakhulu abantwana bakwa-Israyeli.


Lapho abantwana bakwa-Israyeli bembiza uJehova ngenxa yamaMidiyani.


Kwathi umphongolo usekhona eKiriyati Jeharimi, isikhathi saba side; ngokuba kwaba yiminyaka engamashumi amabili, yonke indlu yakwa-Israyeli yamlilela uJehova.


Basebebuthana eMispa, bakha amanzi, bawathulula phambi kweNkosi, bazila ukudla ngalolosuku, bathi lapho: Sonile eNkosini. USamuweli wayala abantwana bakwa-Israyeli eMispa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka