Phulisani abagulayo, nihlambulule abanochoko, nivuse abafileyo, nikhiphe amademoni;
Mathewu 8:2 - Baasraak Zulu New Testament Bible Bheka, kwafika onochoko, wakhuleka kuye, wathi: “Nkosi, uma uthanda, ungangihlambulula. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka, kwafika onochoko, wakhuleka kuye, wathi: “Nkosi, uma uthanda, ungangihlambulula.” IsiZulu 2020 Kwase kuza umuntu onochoko, wakhuleka kuye, wathi: “Nkosi, uma uthanda, ungangihlambulula.” Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, kwafika onochoko, wakhuleka kuye, wathi: “Nkosi, uma uthanda, ungangihlambulula. |
Phulisani abagulayo, nihlambulule abanochoko, nivuse abafileyo, nikhiphe amademoni;
Basebesiza ababesemkhunjini, bakhuleka kuye, besithi: Isibili wena uyiNdodana kaNkulunkulu.
Inceku yawa phansi, yakhuleka kuyo, yathi: ‘Nkosi, ungibekezelele, ngizokukhokhela konke.
Zase zingena endlini, zabona umntwana noMariya unina, zawa phansi, zakhuleka kuye; igolide, nenhlaka, nomure.
Kwase kufika kuye unina wamadodana kaZebedewu namadodana akhe, wakhuleka, ecela into kuye.
Kwathi besaya ukubikela abafundi bakhe, bheka, uJesu wabahlangabeza, wathi: “Sanibona! Base besondela, bambamba izinyawo, bakhuleka kuye.
Wathi kuye: “Konke lokhu ngizakukunika khona, uma uziwisa phansi, ukhuleke kimi.
Kwasekusiza kuye abafundi bakhe bamvusa, besithi: Nkosi, sisindise, siyabhubha.
Esakhuluma lokho kubo, bheka, kwafika umbusi othile, wakhuleka kuye, wathi: “Indodakazi yami isishonile;
Kwakukhona abanochoko abaningi kwa-Israyeli ngesikhathi sika-Elisha umprofethi; kepha akuhlanjululwanga namunye kubo, kuphela uNahamani umAramu.
Kepha uPetru wathi: “Qha, Nkosi; ngoba kangizange ngikudle okungcolileyo lokungcolileyo.
Kwathi esangena uPetru, uKorneliyu wamhlangabeza, wawa phansi ezinyaweni zakhe, wakhuleka kuye.
ngokunjalo izimfihlo zenhliziyo yakhe zibonakaliswa; kanjalo uyakuwa ngobuso bakhe, akhuleke kuNkulunkulu, asho ukuthi uNkulunkulu phakathi kwenu ngeqiniso.
Ngawa ngasezinyaweni zayo ukuba ngiyikhonze. Yathi kimi: “Bheka, ungakwenzi; mina ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abanobufakazi bukaJesu;