Kepha abaFarisi sebekubona bathi kuye: “Bheka, abafundi bakho benza okungavunyelwe ukwenziwa ngesabatha.
Mathewu 12:10 - Baasraak Zulu New Testament Bible Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabene. Bambuza-ke, bathi: Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na? ukuze bambeke icala. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabeneyo; bambuza bathi: “Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na?” – ukuze bammangalele. IsiZulu 2020 Kwakukhona umuntu owayenesandla esishwabene; bambuza bathi: “Kuvunyelwe yini ukuphilisa ngesabatha na?” Babembuza nje ukuze bammangalele. Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabene. Bambuza-ke, bathi: Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na? ukuze bambeke icala. |
Kepha abaFarisi sebekubona bathi kuye: “Bheka, abafundi bakho benza okungavunyelwe ukwenziwa ngesabatha.
AbaFarisi beza kuye bemlinga, bathi kuye: Kuvunyelwe yini ukuthi indoda ilahle umkayo nganoma yisiphi isizathu?
bemqamekela, befuna ukubamba utho oluphuma emlonyeni wakhe, ukuze bambeke icala.
Umphathi wesinagoge waphendula ngokuthukuthela, ngokuba uJesu esilisa ngesabatha, wathi kubantu: Zikhona izinsuku eziyisithupha okufanele kusetshenzwe ngazo; ngakho wozani ngazo, niphulukiswe, kungabi ngesabatha. usuku.
Base beqala ukumthwesa icala, besithi: Simfumene lo edukisa isizwe, enqabela ukuthela kuKesari, esithi yena unguKristu iNkosi.
Kwakulele kuyo isixuku esikhulu sabagulayo, izimpumputhe, nezinyonga, nabashwabeneyo, belindele ukuzanyazanyiswa kwamanzi.
Uma umuntu emukela ukusoka ngesabatha, ukuze kungephulwa umthetho kaMose; niyangithukuthelela, ngokuba ngiphilise umuntu ngesabatha na?
Bakusho lokho bemlinga, ukuze babe nokumbeka icala. Kepha uJesu wakhothama, waloba ngomunwe emhlabathini, kungathi akezwanga.
Ngakho abanye kubaFarisi bathi: Lo kaveli kuNkulunkulu, ngoba kagcini isabatha. Abanye bathi: Umuntu oyisoni angenza njani izibonakaliso ezinje? Kwaba khona ukuhlukana phakathi kwabo.