Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 12:10 - IsiZulu 2020

10 Kwakukhona umuntu owayenesandla esishwabene; bambuza bathi: “Kuvunyelwe yini ukuphilisa ngesabatha na?” Babembuza nje ukuze bammangalele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabeneyo; bambuza bathi: “Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na?” – ukuze bammangalele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabene. Bambuza-ke, bathi: Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na? ukuze bambeke icala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabene. Bambuza-ke, bathi: Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na? ukuze bambeke icala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 12:10
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba isiwula sikhuluma ubuwula, nengqondo yaso iceba ububi, yenza ukungalungi, ikhulume okuphambeneyo noNkulunkulu, ingamsuthisi olambileyo nowomileyo imncishe okuphuzwayo.


Sonile, samphika uSimakade; sihlubukile, asamlandela uNkulunkulu wethu; sikhulume ngokucindezela, nangokwambuka, sicabangile, sakhuluma amanga asenhliziyweni.


Akekho omemeza ngokulunga, akekho nowehlulela ngeqiniso; bethembela kokuyize, bakhuluma amanga; bakhulelwe ububi, bazala inkohlakalo.


“Maye, kumelusi ongenamsebenzi, oshiya umhlambi wezimvu! Inkemba iyakumlimaza ingalo neso lakhe langakwesokunene. Ingalo yakhe iyakushwabana, neso lakhe lingaboni lutho!”


AbaFarisi bekubona lokho, bathi kuye: “Awubheke ukuthi abafundi bakho benzani, benza okungavunyelwe ngesabatha.”


Kwase kusondela kuye abaFarisi, bamlinga bathi: “Kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo noma ngaliphi icala na?”


Babembheke ngeso lokhozi ukuthi ngabe uzomphilisa yini lowo muntu ngesabatha, ukuze bamthwese icala.


behlose ukumhila, ukuze bambambe ngamazwi akhe.


Umphathi wesinagoge wacasuka ngokuba uJesu esindise umuntu ngesabatha, wayesekhuluma esixukwini ethi: “Kunezinsuku eziyisithupha okufanele ukuba kusetshenzwe ngazo. Ngakho-ke wozani ngalezo zinsuku ukuze niphiliswe, hhayi ngosuku lwesabatha.”


Sivunyelwe yini ukuba sithele intela kuKhesari noma qha na?”


wathi kubo: “Nimlethe kimi lo muntu ngoba nithi wedukisa abantu. Mina ngimgwexile ngemibuzo phambi kwenu, kodwa angitholanga cala lalezo zinto enimmangalela ngazo.


Baqala ukumthwesa icala, bathi: “Lo muntu simthole edukisa isizwe sakithi, esenqabela ukuba sithele intela kuKhesari, ethi nguyena onguKhristu, inkosi.”


Ngakho-ke abaJuda bathi kulowo muntu owayesephilisiwe: “Yisabatha namuhla, akuvumelekile ukuba uthwale uhlaka lwakho.”


Kwakulala kuyo izinkumbi zabagulayo: izimpumputhe, izinyonga, nabafe uhlangothi. Babelindele ukuzanyazanyiswa kwechibi.


Uma umuntu emukela ukusoka ngeSabatha ukuze kungeqiwa umthetho kaMose, pho kungani ningithukuthelele ngokuba ngisindise umuntu ngeSabatha na?


Babekusho lokhu bemlinga, ukuze babe notho lokummangalela. Kepha uJesu wakhothama, waloba ngomunwe emhlabathini.


Ngakho-ke abanye kubaFarisi bathi: “Lo muntu akaveli kuNkulunkulu, ngokuba akawuhloniphi umthetho wesabatha.” Abanye bathi: “Umuntu oyisoni angazenza kanjani izibonakaliso ezinje na?” Kwaba khona ukwehlukana phakathi kwabo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka