Kodwa kuye lina likuKristu Jesu, owenziwe kithi ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu, lokulunga, lokungcweliswa, lokuhlengwa;
KwabaseFilipi 1:21 - Baasraak Zulu New Testament Bible Ngoba kimi ukuphila kunguKristu, futhi ukufa kuyinzuzo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba kimina ukuphila kunguKristu, ukufa kuyinzuzo. IsiZulu 2020 Ngokuba kimina ukuphila kunguKhristu, ukufa kuyinzuzo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngoba kimi ukuphila kunguKristu, futhi ukufa kuyinzuzo. |
Kodwa kuye lina likuKristu Jesu, owenziwe kithi ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu, lokulunga, lokungcweliswa, lokuhlengwa;
noma uPawulu, noma u-Apholo, noma uKhefase, noma izwe, noma ukuphila, noma ukufa, noma okukhona, noma okuzayo; konke kungokwakho;
Ngokuba siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabeni eyidokodo idilizwa, sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, eyaphakade, esezulwini.
Ngakho sihlala sinesibindi, sazi ukuthi, nxa sisekhaya emzimbeni, sikude neNkosi;
Ngibethelwe kanye noKristu, nokho ngiyaphila; nokho akumina, kodwa uKristu uphila kimi, nokuphila engikuphila manje enyameni ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.
Kepha mangingazibonga mina, kuphela ngesiphambano seNkosi yethu uJesu Kristu, okubethelwe ngaye izwe kimi, nami ezweni.
Njengokulangazelela kwami nethemba lami, ukuthi angiyikuba namahloni ngalutho, kodwa ukuthi ngaso sonke isibindi, njengalokhu kwenzeka njalo, kanjalo namanje uKristu uyakuphakanyiswa emzimbeni wami, noma kungokuphila noma ngokufa.
Ngokuba ngicindezelekile phakathi kokubili, nginesifiso sokumuka ngiyekuba noKristu; okuyinto engcono kakhulu:
Nxa uKristu ongukuphila kwethu esebonakala, khona nani nizakubonakala kanye naye enkazimulweni.
Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi kimi: Loba: Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela manje. Yebo, usho uMoya, ukuze baphumule ekukhandlekeni kwabo; nemisebenzi yabo iyabalandela.