Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KwabaseFilipi 1:20 - Baasraak Zulu New Testament Bible

20 Njengokulangazelela kwami nethemba lami, ukuthi angiyikuba namahloni ngalutho, kodwa ukuthi ngaso sonke isibindi, njengalokhu kwenzeka njalo, kanjalo namanje uKristu uyakuphakanyiswa emzimbeni wami, noma kungokuphila noma ngokufa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 njengokulangazela nokwethemba kwami ukuthi ayikho into engizakujabhiswa kuyo, kepha ngesibindi sonke, njengasezikhathini zonke namanje, uKristu uyakwenziwa mkhulu emzimbeni wami, nokuba kungokuphila nokuba kungokufa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

20 Ngiyalangazelela, futhi ngethemba ukuthi akukho lutho oluzongijabhisa, kodwa ngizokuba nesibindi esanele ukuze njengokuba kuhlala kwenzeka, uKhristu enziwe mkhulu emzimbeni wami, noma kungokuphila noma kungokufa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Njengokulangazelela kwami nethemba lami, ukuthi angiyikuba namahloni ngalutho, kodwa ukuthi ngaso sonke isibindi, njengalokhu kwenzeka njalo, kanjalo namanje uKristu uyakuphakanyiswa emzimbeni wami, noma kungokuphila noma ngokufa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KwabaseFilipi 1:20
41 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wakukhuluma lokho ekhomba ukufa okungako ayeyakukhazimulisa ngakho uNkulunkulu. Eseshilo lokho wathi kuye: “Ngilandele.”


Kepha akukho kwalokhu okunginyakazisayo, futhi ukuphila kwami angikuthathi njengokubalulekile kimi, ukuze ngiqede inkambo yami ngentokozo, nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ivangeli lomusa kaNkulunkulu.


UPawuli wasephendula wathi: Litshoni ukukhala lichoboza inhliziyo yami? ngoba mina angilungele ukubotshwa kuphela, kodwa lokufa eJerusalema ngenxa yebizo leNkosi uJesu.


Kwathi sebekhulekile, indawo ababebuthene kuyo yazamazama; basebegcwaliswa bonke ngoMoya oNgcwele, basebekhuluma ilizwi likaNkulunkulu ngesibindi.


Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe-ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, owamukelekayo kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda.


Futhi ithemba alijabhisi; ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.


futhi ninganikeli izitho zenu esonweni, zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga.


Ngikhuluma ngokwabantu ngenxa yobuthakathaka benyama yenu; ngokunjalo-ke nikelani izitho zenu khathesi izigqili zokulunga kube ngcwele.


Ngokuba ukulangatha okudaliweyo kulindele ukuvezwa kwabantwana bakaNkulunkulu.


njengokulotshiweyo ukuthi: Khangela, ngibeka eZiyoni ilitshe lokuwisa ledwala lokuwisa;


Ngifa imihla ngemihla ngokuzibonga enginakho kuKristu Jesu iNkosi yethu.


Kukhona umehluko phakathi komfazi nentombi. Owendileyo ukhathalela okweNkosi, ukuze abe ngcwele emzimbeni nasemoyeni;


Ngokuba noma ngingazibonga kakhulu ngamandla ethu, esinike wona iNkosi ukuba sinakhe, ingasi ukunibhidliza, angiyikujabha;


Ngakho-ke lokhu sinethemba elinjalo, sisebenzisa ukukhululeka okukhulu kokukhuluma;


sithwele njalonjalo emzimbeni wethu ukufa kweNkosi uJesu, ukuze lempilo kaJesu ibonakaliswe emizimbeni yethu.


Futhi wafela bonke, ukuze abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele yena owabafela, wabuye wavuka.


Ngokuba uma ngiziqhayise ngotho kuye ngani, anginamahloni; kepha njengalokho sakhuluma kini zonke izinto ngeqiniso, kanjalo nokuzibonga kwethu phambi kukaThithu kwaba yiqiniso.


Sikhulu isibindi sami ngani, ngizibonga kakhulu ngani; ngigcwele induduzo, ngithokoza kakhulu osizini lwethu lonke.


Abazalwane abaningi eNkosini, beqiniseka ngezibopho zami, banesibindi esikhulu kakhulu sokukhuluma izwi ngokungesabi.


Yebo, noma nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza kanye nani nonke.


engithokozayo khathesi ekuhluphekeni kwami ngenxa yenu, njalo enyameni yami ngigcwalisa okusilele kwezinhlupheko zikaKristu ngenxa yomzimba wakhe, oyibandla;


UNkulunkulu wokuthula yena uqobo makaningcwelise ngokupheleleyo; njalo ngiyakhuleka kuNkulunkulu wonke umoya wenu lomphefumulo lomzimba, kulondolozwe kungelacala ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Kristu.


Kepha uma umuntu ehlupheka ngokuba engumKristu, makangabi namahloni; kodwa makadumise uNkulunkulu ngakho.


Manje, bantwanyana, hlalani kuye; ukuze kuthi, nxa esebonakala, sibe lesibindi, singabi lenhloni phambi kwakhe ekufikeni kwakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka