Bheka, kwakukhona eJerusalema indoda, igama layo linguSimeyoni; futhi lo muntu wayelungile futhi esaba uNkulunkulu, elindele induduzo ka-Israyeli, futhi uMoya oNgcwele wayephezu kwakhe.
KuThithu 1:8 - Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa ophatha kuhle izihambi, othanda okuhle, ozithibileyo, olungileyo, ongcwele, ozithibileyo; IBHAYIBHELI ELINGCWELE kepha ophatha kahle izihambi, othanda okuhle, oqondileyo, olungileyo, ongcwele, ozithibayo, IsiZulu 2020 Kepha makabe ngophanayo kuzo izihambi, othanda okuhle, onengqondo, oqotho, ongcwele, ozithibayo, Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa ophatha kuhle izihambi, othanda okuhle, ozithibileyo, olungileyo, ongcwele, ozithibileyo; |
Bheka, kwakukhona eJerusalema indoda, igama layo linguSimeyoni; futhi lo muntu wayelungile futhi esaba uNkulunkulu, elindele induduzo ka-Israyeli, futhi uMoya oNgcwele wayephezu kwakhe.
Esakhuluma ngokulunga, nokuzithiba, nokwahlulela okuzayo, uFelike washaywa luvalo, waphendula wathi: “Okwamanje hamba; nxa nginesikhathi esihle, ngizakubiza.
Nina ningofakazi, noNkulunkulu naye, ukuthi saba ngcwele kanjani, nangokulunga, nokungasoleki phakathi kwenu nina enikholwayo;
Ngakho umbhishobhi umelwe ukuba ngongasolekiyo, indoda emfazi munye, eqaphile, eqondileyo, eziphatha kahle, ephatha kahle izihambi, enekhono lokufundisa;
Makungabikho-muntu odelela ubusha bakho; kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokholo, nangokuhlanzeka.
Kodwa wena muntu kaNkulunkulu, zibaleke lezizinto; futhi ulandele ukulunga, ukwesaba uNkulunkulu, ukholo, uthando, ukubekezela, ubumnene.
Kepha balekela izinkanuko zobusha, kepha ulandele ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo emhlophe.
ngaphandle kokuthanda imvelo, abaphula isivumelwano, abahlebi, abangafuni ukuzithiba, abanolaka, abadeleli abalungileyo,
ezintweni zonke uzibonakalise uyisiboniso semisebenzi emihle: esifundiseni ukhombisa ukungonakali, ukulunga, ubuqotho,
Siyazi ukuthi sidlulile ekufeni sangena ekuphileni, ngokuba sithanda abazalwane. Lowo ongamthandiyo umzalwane wakhe uhlezi ekufeni.
Yilowo nalowo okholwa ukuthi uJesu unguKristu uzelwe nguNkulunkulu, nalowo othanda ozalayo uyamthanda nalowo ozelwe nguye.