nibhekisise kungabikho osilela umusa kaNkulunkulu; funa kumile impande yokubaba inikhathaze, kungcoliswe abaningi ngayo;
IsAmbulo 8:11 - Baasraak Zulu New Testament Bible Igama lenkanyezi kuthiwa uMhlonyane, nengxenye yesithathu yamanzi yaba umhlonyane; abantu abaningi bafa ngamanzi, ngokuba aba aba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Igama lenkanyezi lithiwa uMhlonyane. Okwesithathu kwamanzi kwaba ngumhlonyane, nabaningi kubantu bafa ngamanzi, ngokuba enziwa ababa. IsiZulu 2020 Igama lenkanyezi kuthiwa uMhlonyane. Okwesithathu kwamanzi kwaba ngumhlonyane, kwafa abantu abaningi ngenxa yamanzi, ngokuba ayenziwe ababa. Contemporary Zulu Bible 2024 Igama lenkanyezi kuthiwa uMhlonyane, nengxenye yesithathu yamanzi yaba umhlonyane; abantu abaningi bafa ngamanzi, ngokuba aba aba. |
nibhekisise kungabikho osilela umusa kaNkulunkulu; funa kumile impande yokubaba inikhathaze, kungcoliswe abaningi ngayo;
Ingelosi yokuqala yayisibetha, kwavela isichotho nomlilo kuxutshaniswe negazi, kwaphonswa emhlabeni;
Zase zithukululwa izingelosi ezine, ebezilungiselwe ihora, nosuku, nenyanga, nomnyaka, ukuba zibulale ingxenye yesithathu yabantu.
Ngalokho kwabulawa ingxenye yesithathu yabantu ngomlilo, nangomusi, nesibabule, okwaphuma emilonyeni yawo.