Base beyiletha. Wathi kubo: Ngokabani lo mfanekiso nombhalo na? Basebesithi kuye: KaKesari.
IsAmbulo 3:12 - Baasraak Zulu New Testament Bible Onqobayo ngiyakumenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasayikuphuma ephuma, futhi ngiyakuloba phezu kwakhe igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, oyiJerusalema elisha, owehla ezulwini kuNkulunkulu wami: futhi ngizobhala phezu kwakhe igama lami elisha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Onqobayo ngiyakumenza abe yinsika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasoze aphuma khona; ngiyakuloba negama likaNkulunkulu wami phezu akhe, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, iJerusalema elisha elehla ezulwini kuNkulunkulu wami, negama lami elisha. IsiZulu 2020 Onqobayo ngiyakumenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasoze aphuma khona. Ngiyakuloba kuye igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, iJerusalema elisha elehla ezulwini livela kuNkulunkulu wami, negama lami elisha. Contemporary Zulu Bible 2024 Onqobayo ngiyakumenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasayikuphuma ephuma, futhi ngiyakuloba phezu kwakhe igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, oyiJerusalema elisha, owehla ezulwini kuNkulunkulu wami: futhi ngizobhala phezu kwakhe igama lami elisha. |
Base beyiletha. Wathi kubo: Ngokabani lo mfanekiso nombhalo na? Basebesithi kuye: KaKesari.
Kwathi oJakobe, noKhefase, noJohane, ababebonakala beyizinsika, bebona umusa engiwuphiweyo, banika mina noBarnaba isandla sokunene sokuhlangana; ukuze siye kwabezizwe, bona baye kwabasokile.
Kepha nize entabeni yaseSiyoni, nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, naseviyo lezingelosi ezingenakubalwa.
Nina ningabakaNkulunkulu, bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni.
Ngase ngibona, bheka, iWundlu limi entabeni yaseSiyoni, kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, benegama likaYise lilotshwe emabunzini abo.
Laba bayakulwa neWundlu, kepha iWundlu liyakubanqoba, ngokuba liyiNkosi yamakhosi, neNkosi yamakhosi;
Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo kayikulinyazwa ngukufa kwesibili.
Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle imana elifihliweyo, ngimnike itshe elimhlophe, nasetsheni igama elisha elilotshiwe, elingaziwa muntu, kuphela owemukelayo.
Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila, ophakathi kwepharadesi likaNkulunkulu.
Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela kuNkulunkulu ezulwini, ulungisiwe njengomlobokazi ohlotshiselwe umyeni wakhe.
Onqobayo uyakwembathiswa izingubo ezimhlophe; futhi ngeke ngilesule igama lakhe encwadini yokuphila, kodwa ngiyolivuma igama lakhe phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.