Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




KumaHeberu 12:22 - Baasraak Zulu New Testament Bible

22 Kepha nize entabeni yaseSiyoni, nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, naseviyo lezingelosi ezingenakubalwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 kodwa nize entabeni yaseSiyoni nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, nasezigidigidini zezingelosi,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

22 Kepha nize entabeni iZiyoni nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, izigidigidi zezingelosi embuthanweni womkhosi,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Kepha nize entabeni yaseSiyoni, nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, naseviyo lezingelosi ezingenakubalwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KumaHeberu 12:22
49 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USimoni Petru waphendula wathi: “Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.


Noma ngomhlaba; ngoba uyisenabelo senyawo zakhe: loba ngeJerusalema; ngoba kungumuzi weNkosi enkulu.


ngokunjalo wonke uIsrayeli uyakusindiswa, njengokulotshiweyo ukuthi: Kuzavela eSiyoni uMkhululi, asuse ukungahloniphi uNkulunkulu kuJakobe;


Kuyakuthi endaweni lapho kwathiwa kubo: “Anisibo abantu bami; lapho bayakuthiwa abantwana bakaNkulunkulu ophilayo.


Kodwa iJerusalema eliphezulu likhululekile, elingumama wethu sonke.


Ngakho-ke aniseyibo abezizwe nezihambi, kodwa niyizakhamuzi ezikanye nabangcwele, ningabendlu kaNkulunkulu;


Ngokuba indaba yethu isezulwini; lapho futhi silindele khona uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu.


Ngokuba bona uqobo babika ngathi ukungena kwethu kini, nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu, niphuma ezithombeni, nikhonza uNkulunkulu ophilayo noweqiniso;


INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingilondolozele embusweni wayo wasezulwini: makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


Kuyesabeka ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo.


Ngokuba wayebheke umuzi onezisekelo, omakhi nomenzi wawo nguNkulunkulu.


Kepha manje bafuna izwe elingcono, okungukuthi elasezulwini; ngalokho uNkulunkulu akanamahloni ukubizwa ngokuthi unguNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.


Ngokuba lapha asinamuzi omiyo, kepha sifuna ozayo.


Xwayani, bazalwane, ukuba kungabikho kinina kini inhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa uNkulunkulu ophilayo.


Kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela ngoMoya ophakade engenasici kuNkulunkulu, liyakuhlambulula unembeza wenu emisebenzini efileyo, ukuze nikhonze uNkulunkulu ophilayo na?


Naye u-Enoke, owesikhombisa kusukela ku-Adamu, waprofetha ngalaba, wathi: “Bheka, iNkosi iyeza nezinkulungwane eziyishumi zabangcwele bayo.


Ngase ngibona, bheka, iWundlu limi entabeni yaseSiyoni, kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, benegama likaYise lilotshwe emabunzini abo.


Yangithwala ngikuMoya yaya entabeni enkulu nephakemeyo, yangikhombisa umuzi omkhulu, iJerusalema elingcwele, wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu,


Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela kuNkulunkulu ezulwini, ulungisiwe njengomlobokazi ohlotshiselwe umyeni wakhe.


Futhi uma umuntu esusa kuwo amazwi encwadi yalesi siprofetho, uNkulunkulu uyakususa isabelo sakhe encwadini yokuphila, nasemzini ongcwele, nakulokho okulotshiwe kule ncwadi.


Onqobayo ngiyakumenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasayikuphuma ephuma, futhi ngiyakuloba phezu kwakhe igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, oyiJerusalema elisha, owehla ezulwini kuNkulunkulu wami: futhi ngizobhala phezu kwakhe igama lami elisha.


Ngase ngibona enye ingelosi yenyuka empumalanga, inophawu lukaNkulunkulu ophilayo, yamemeza ngezwi elikhulu kuzo izingelosi ezine ezazinikiwe ukuba zilimaze umhlaba nolwandle.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka