Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 3:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Onqobayo ngiyakumenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasayikuphuma ephuma, futhi ngiyakuloba phezu kwakhe igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, oyiJerusalema elisha, owehla ezulwini kuNkulunkulu wami: futhi ngizobhala phezu kwakhe igama lami elisha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Onqobayo ngiyakumenza abe yinsika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasoze aphuma khona; ngiyakuloba negama likaNkulunkulu wami phezu akhe, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, iJerusalema elisha elehla ezulwini kuNkulunkulu wami, negama lami elisha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 Onqobayo ngiyakumenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasoze aphuma khona. Ngiyakuloba kuye igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, iJerusalema elisha elehla ezulwini livela kuNkulunkulu wami, negama lami elisha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Onqobayo ngiyakumenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasayikuphuma ephuma, futhi ngiyakuloba phezu kwakhe igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, oyiJerusalema elisha, owehla ezulwini kuNkulunkulu wami: futhi ngizobhala phezu kwakhe igama lami elisha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 3:12
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wazimisa izinsika emphemeni wethempeli, wamisa insika yokunene, wayiqamba ngokuthi uJakini; wamisa insika yesokhohlo, wayibiza ngokuthi uBhowazi.


Kukhona umfula, imifudlana yawo ethokozisa umuzi kaNkulunkulu, indlu engcwele yamatabernakele oPhezukonke.


Njengoba sizwile, sibonile kanjalo emzini kaJehova Sebawoti, emzini kaNkulunkulu wethu: uNkulunkulu uyakuwuqinisa kuze kube phakade. Sela.


Kukhulunywa izinto ezikhazimulayo ngawe, muzi kaNkulunkulu. Sela.


Izizwe ziyakubona ukulunga kwakho, namakhosi onke inkazimulo yakho, wena ubizwe ngegama elisha oyakulibiza ngomlomo kaJehova.


Kumelwe nishiye igama lenu njengesiqalekiso kwabakhethiweyo bami, ngoba iNkosi uJehova iyonibulala futhi ibize izinceku zayo ngelinye igama.


Ngokuba bheka, ngikwenzé namuhla ube ngumuzi ovikelekileyo, nensika yensimbi, nezindonga zethusi phezu kwezwe lonke, naphezu kwamakhosi akwaJuda, naphezu kwezikhulu zalo, naphezu kwabapristi balo, nakubantu bezwe.


Ubude bompheme babuyizingalo ezingamashumi amabili, nobubanzi buyizingalo eziyishumi nanye; wangiyisa ezitebhisini ababekhuphuke ngazo kulo, kwakukhona izinsika ezinsikeni zomnyango, enye ngalapha nenye ngalapha.


Kungaba yizilinganiso eziyizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili, igama lomuzi kusukela ngalolo suku lithi: UJehova ukhona.


Base beyiletha. Wathi kubo: Ngokabani lo mfanekiso nombhalo na? Basebesithi kuye: KaKesari.


Kwathi oJakobe, noKhefase, noJohane, ababebonakala beyizinsika, bebona umusa engiwuphiweyo, banika mina noBarnaba isandla sokunene sokuhlangana; ukuze siye kwabezizwe, bona baye kwabasokile.


okuqanjwe ngaye umndeni wonke wasezulwini nasemhlabeni.


Kepha nize entabeni yaseSiyoni, nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, naseviyo lezingelosi ezingenakubalwa.


Ngokuba lapha asinamuzi omiyo, kepha sifuna ozayo.


Nina ningabakaNkulunkulu, bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni.


Ngase ngibona, bheka, iWundlu limi entabeni yaseSiyoni, kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, benegama likaYise lilotshwe emabunzini abo.


Laba bayakulwa neWundlu, kepha iWundlu liyakubanqoba, ngokuba liyiNkosi yamakhosi, neNkosi yamakhosi;


Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo kayikulinyazwa ngukufa kwesibili.


Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle imana elifihliweyo, ngimnike itshe elimhlophe, nasetsheni igama elisha elilotshiwe, elingaziwa muntu, kuphela owemukelayo.


Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila, ophakathi kwepharadesi likaNkulunkulu.


Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela kuNkulunkulu ezulwini, ulungisiwe njengomlobokazi ohlotshiselwe umyeni wakhe.


Bayakubona ubuso bakhe; negama lakhe liyakuba semabunzini azo.


Onqobayo uyakwembathiswa izingubo ezimhlophe; futhi ngeke ngilesule igama lakhe encwadini yokuphila, kodwa ngiyolivuma igama lakhe phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka