Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IsAmbulo 1:2 - Baasraak Zulu New Testament Bible

owafakaza ngezwi likaNkulunkulu, nobufakazi bukaJesu Kristu, nangazo zonke izinto azibonayo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

owafakaza ngezwi likaNkulunkulu nangobufakazi bukaJesu Kristu, konke akubonayo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

owafakaza ngezwi likaNkulunkulu nangobufakazi bukaJesu Khristu, ngakho konke akubona.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Owafakaza ngezwi likaNkulunkulu, nobufakazi bukaJesu Kristu, nangazo zonke izinto azibonayo.

Uka jalj uñjjattʼäta



IsAmbulo 1:2
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJohane wafakaza wathi: “Ngabona uMoya ehla ezulwini njengejuba, wahlala phezu kwakhe.


Ngakho isixuku esasinaye lapho ebiza uLazaru ukuba aphume ethuneni, emvusa kwabafileyo, safakaza.


Lowo obonileyo ufakazile, nobufakazi bakhe buqinisile, naye uyazi ukuthi ukhuluma iqiniso, ukuze nani nikholwe.


Nguye lo umfundi ofakaza ngalezi zinto, nezilobile lezizinto; siyazi ukuthi ubufakazi bakhe buqinisile.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Sikhuluma esikwaziyo, sifakaza ngesikubonileyo; kepha anibamukeli ubufakazi bethu.


Ngokuba uyakuba ngufakazi wakhe kubantu bonke walokho okubonileyo nokuzwileyo.


Kepha sukuma, ume ngezinyawo zakho, ngokuba ngibonakale kuwe ngalokho ukuba ngikwenze ube yisikhonzi nofakazi walezi zinto ozibonileyo nowalezo zinto engizakuzibonakalisa kuwe ngazo;


Ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.


njengalokhu ubufakazi bukaKristu baqiniswa kini;


Nami, bazalwane, ekufikeni kwami kini angifikanga ngobungcweti bokukhuluma nobokuhlakanipha, ngimemezela kini ubufakazi bukaNkulunkulu.


Lokho okwakukhona kwasekuqaleni, esikuzwileyo, esikubonile ngamehlo ethu, esikubhekile, nezandla zethu zakuphatha, okweZwi lokuphila;


Nathi sibonile, siyafakaza ukuthi uYise wayithuma iNdodana ibe nguMsindisi womhlaba.


UDemetriyu ufakazelwa yibo bonke nayiqiniso uqobo lwalo; yebo, nathi siyafakaza; niyazi ukuthi ubufakazi bethu buqinisile.


esithi: Mina nginguAlfa loOmega, owokuqala lowokuphela; e-Efesu, naseSmirna, nasePhergamo, naseThiyathira, naseSardesi, naseFiladelfiya, naseLawodikeya.


Loba izinto ozibonileyo, lezikhona, lezinto ezizakuba khona emva kwalokhu;


Mina Johane, nongumfowenu, nomhlanganyeli wenu osizini, embusweni nasekubekezeleni kukaJesu Kristu, ngangisesiqhingini esithiwa iPhatmose ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi bukaJesu Kristu.


Bona bamehlula ngegazi leWundlu langezwi lobufakazi babo; futhi abakuthandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.


Udrako wamthukuthelela owesifazane, wahamba wayokulwa nensali yenzalo yakhe, egcina imiyalo kaNkulunkulu, enobufakazi bukaJesu Kristu.


Ngase ngibona izihlalo zobukhosi, bahlezi phezu kwazo, banikwa ukwahlulela; ngase ngibona imiphefumulo yalabo ababenqunywe amakhanda ngenxa yobufakazi bukaJesu, nangenxa yezwi likaNkulunkulu, nabangazange bakhulekele isilo noma isilo. umfanekiso wakhe, bengalutholanga uphawu emabunzini abo, noma ezandleni zabo; baphila, babusa kanye noKristu iminyaka eyinkulungwane.


Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke. Amen.


Lapho livula uphawu lwesihlanu, ngabona phansi kwe-altare imiphefumulo yababulewe ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi ababenabo.