Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 1:1 - Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Isambulo sikaJesu Kristu amnika sona uNkulunkulu ukuba abonise izinceku zakhe okumelwe ukwenzeka masinyane; wathumela ngengelosi yakhe wabonakalisa encekwini yakhe uJohane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Isambulo sikaJesu Kristu amnika sona uNkulunkulu ukuba abonise izinceku zakhe izinto ezimelwe ukwenzeka masinyane, ethuma ngengelosi yakhe, esibonakalisa encekwini yakhe uJohane

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Isambulo sikaJesu Khristu uNkulunkulu amnika sona ukuba akhombise izinceku zakhe izinto ezizokwenzeka masinyane. Wathumela ingelosi yakhe ukuba iyikhombise inceku yakhe uJohane,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Isambulo sikaJesu Kristu amnika sona uNkulunkulu ukuba abonise izinceku zakhe okumelwe ukwenzeka masinyane; wathumela ngengelosi yakhe wabonakalisa encekwini yakhe uJohane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 1:1
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba angikhulumanga ngokwami; kodwa uBaba ongithumileyo nguyena onginike umyalo, engizakusho, nokuthi ngiyakukhulumani.


Kusukela manje anginibizi ngokuthi izinceku; ngokuba inceku ayikwazi okwenziwa inkosi yayo; ngokuba konke engikuzwile kuBaba nginazisile khona.


Ngokuba amazwi onginike wona ngibanikile bona; futhi bawamukele, futhi bazi isibili ukuthi ngaphuma kuwe, futhi bakholwa ukuthi wena ungithumile.


Lokho akubonileyo lakuzwayo uyafakaza ngakho; njalo kakho owemukela ubufakazi bakhe.


Nginokuningi engingakusho nokwahlulela ngani; kepha ongithumileyo uqinisile; futhi ngikhuluma emhlabeni lokho engikuzwile kuye.


Kuye onamandla okuniqinisa ngokwevangeli lami nentshumayelo kaJesu Kristu ngokokwambulwa kwemfihlakalo ebifihliwe kwasekuqaleni;


Ngokuba nami angilamukelanga kumuntu, futhi angilifundiswanga, kodwa ngokwambulelwa nguJesu Kristu.


ukuthi wangazisa imfihlakalo ngesambulo; (njengoba ngibhale ngaphambili ngamagama ambalwa),


UPawulu, inceku kaNkulunkulu, nomphostoli kaJesu Kristu, ngokokholo lwabakhethiweyo bakaNkulunkulu, nokulazi iqiniso elingokokumesaba uNkulunkulu;


Loba izinto ozibonileyo, lezikhona, lezinto ezizakuba khona emva kwalokhu;


Mina Johane, nongumfowenu, nomhlanganyeli wenu osizini, embusweni nasekubekezeleni kukaJesu Kristu, ngangisesiqhingini esithiwa iPhatmose ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi bukaJesu Kristu.


Kwase kufika enye yezingelosi eziyisikhombisa ezazinezitsha eziyisikhombisa, yakhuluma nami, yathi kimi: “Woza lapha; Ngiyakukukhombisa ukwahlulelwa kwesifebe esikhulu esihlezi phezu kwamanzi amaningi;


Ngawa ngasezinyaweni zayo ukuba ngiyikhonze. Yathi kimi: “Bheka, ungakwenzi; mina ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abanobufakazi bukaJesu;


Yathi kimi: “Loba ukuthi: Babusisiwe abamenyelwe esidlweni somshado weWundlu. Yathi kimi: Lawa angamazwi kaNkulunkulu aqinisileyo.


Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela kuNkulunkulu ezulwini, ulungisiwe njengomlobokazi ohlotshiselwe umyeni wakhe.


Kwase kufika kimi enye yezingelosi eziyisikhombisa ezazinezitsha eziyisikhombisa ezigcwele izinhlupho eziyisikhombisa zokugcina, yakhuluma nami, yathi: “Woza lapha, ngizokubonisa umlobokazi, umkaWundlu.


Yangikhombisa umfula wamanzi okuphila ucwebezela njengekristalu, uphuma esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.


Mina Jesu ngithumile ingelosi yami ukufakaza kini lezi zinto emabandleni. Mina ngiyimpande nenzalo kaDavide, inkanyezi yokusa ekhanyayo.


Yathi kimi: “Lawa mazwi athembekile, aqinisile, neNkosi uNkulunkulu wabaprofethi abangcwele yathuma ingelosi yayo ukubonisa izinceku zayo okumelwe zenzeke masinyane.


Mina Johane ngabona lezizinto nozizwayo. Kwathi sengizwile, sengibonile, ngawa phansi ukuba ngikhuleke phambi kwezinyawo zengelosi eyayingibonise lezi zinto.


Yathi kimi: “Bheka, ungakwenzi, ngokuba ngiyinceku kanye nawe, nabazalwane bakho abaprofethi, nabagcina amazwi ale ncwadi;


Emva kwalokho ngabona, bheka, umnyango uvuliwe ezulwini, nezwi lokuqala engalizwayo lalinjengelecilongo likhuluma nami; lathi: Yenyukela lapha, ngizakutshengisa okuzakwenzeka emva kwalokhu.


Yasesiza yaluthatha ugwalo esandleni sokunene salowo owayehlezi esihlalweni sobukhosi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka