Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 26:16 - Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Kepha sukuma, ume ngezinyawo zakho, ngokuba ngibonakale kuwe ngalokho ukuba ngikwenze ube yisikhonzi nofakazi walezi zinto ozibonileyo nowalezo zinto engizakuzibonakalisa kuwe ngazo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kepha sukuma, ume ngezinyawo zakho; ngokuba ngibonakele kuwe ngalokho ukuba ngikumise ube yisikhonzi nofakazi walokhu kungibona kwakho nowalokhu engizakuzibonakalisa kuwe ngakho,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

16 Sukuma ume ngezinyawo zakho, ngokuba ngibonakele kuwe ukuze ngikubeke ube yisikhonzi nofakazi walokhu, wokuthi ungibonile nowalokho engizakuzibonakalisa kuwe ngakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kepha sukuma, ume ngezinyawo zakho, ngokuba ngibonakale kuwe ngalokho ukuba ngikwenze ube yisikhonzi nofakazi walezi zinto ozibonileyo nowalezo zinto engizakuzibonakalisa kuwe ngazo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 26:16
34 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

njengalokho basinikela bona, ababengofakazi bokuzibonela kwasekuqaleni nezikhonzi zezwi;


Ngokuba wayebalwa nathi, wazuza ingxenye yalo msebenzi.


ukuze athathe ingxenye yalenkonzo lobupostoli, uJudasi aphambuka kukho, ukuze aye endaweni yakhe.


Kepha akukho kwalokhu okunginyakazisayo, futhi ukuphila kwami angikuthathi njengokubalulekile kimi, ukuze ngiqede inkambo yami ngentokozo, nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ivangeli lomusa kaNkulunkulu.


Wababingelela, wabalandisa ngazo zonke izinto uNkulunkulu abezenzile phakathi kwabezizwe ngenkonzo yakhe.


Ngasengisithi: Ngizakwenzani, Nkosi? INkosi yasisithi kimi: Sukuma uye eDamaseko; lapho-ke uzatshelwa khona ngakho konke okumiselwe wena ukuthi ukwenze.


Ngobusuku obulandelayo iNkosi yema ngakuye, yathi: “Yima isibindi, uPawulu;


Ngasengisithi: Ungubani, Nkosi? Wasesithi: Mina nginguJesu omzingelayo.


Kepha thina siyakukhuthalela ukukhuleka, nasenkonzweni yezwi.


esamukele ngaye umusa nobuphostoli, kube ngukulalela ekukholweni phakathi kwezizwe zonke ngenxa yegama lakhe;


ukuze ngibe yisikhonzi sikaJesu Kristu kwabezizwe, ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu, ukuze umnikelo kwabezizwe wamukeleke, ungcwelisiwe ngoMoya oNgcwele.


Ngakho lokhu sinale nkonzo, njengokuba sihawukelwe, asidangali;


Zonke izinto zivela kuNkulunkulu, owasenza ukuba sibuyisane naye ngoKristu, wasinika inkonzo yokubuyisana;


Ngokuba nami angilamukelanga kumuntu, futhi angilifundiswanga, kodwa ngokwambulelwa nguJesu Kristu.


Ngenyuka ngesambulo, ngabalandisa ivangeli engilishumayelayo phakathi kwabezizwe, kepha ngasese kwabadumileyo, funa mhlawumbe ngigijime noma ngigijimele ize.


ukuthi wangazisa imfihlakalo ngesambulo; (njengoba ngibhale ngaphambili ngamagama ambalwa),


Uma nihlala ekukholweni nisekelwe niqinile, ningasuswa ethembeni levangeli enalizwa, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu; mina Pawulu ngenziwa isikhonzi sakho;


engenziwa ngayo isikhonzi ngokohlelo lukaNkulunkulu engiwuphiwe ngenxa yenu, ukugcwalisa izwi likaNkulunkulu;


njengalokhu lafunda kuEphafra inceku kanye lathi ethandekayo, oyisikhonzi esithembekileyo sikaKristu ngenxa yenu;


sathuma uThimothewu umzalwane wethu, isikhonzi sikaNkulunkulu, nesisebenzi kanye nathi evangelini likaKristu, ukuze aniqinise, aniduduze ekukholweni kwenu;


Ngiyambonga ongenzele amandla, uKristu Jesu iNkosi yethu, ngokuba wathi ngikholekile, engimisa enkonzweni;


Uma ukhumbuza abazalwane ngalezi zinto, uyakuba yisikhonzi esihle sikaJesu Kristu, esondliwe ngamazwi okukholwa nesifundiso esihle osigcinile.


Kodwa wena qaphela ezintweni zonke, ubekezele ezinhluphekweni, wenze umsebenzi womvangeli, ugcwalise inkonzo yakho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka