UNumeri 9:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Balenza-ke iphasika ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa ehlane laseSinayi; njengakho konke uJehova amyala ngakho uMose, benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli. IsiZulu 2020 Bayolenza iphasika ehlane iSinayi ngenyanga yokuqala, ngosuku lwe-14, kusihlwa, njengakho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose, abantu bakwa-Israyeli benza kanjalo-ke. Contemporary Zulu Bible 2024 Bagcina iPhasika ngosuku lweshumi nane lwenyanga kusihlwa ehlane laseSinayi; njengalokho uJehova emyalile uMose, benze njalo abantwana bakwa-Israyeli. |
Benza kanjalo bonke abantwana bakwa-Israyeli; njengalokho ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke.
Njalo-ke kwaqedwa wonke umsebenzi wetabernakele* letende lokuhlangana; abantwana benza njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose; benze njalo-ke.
Njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose, benze njalo abantwana bakwa-Israyeli wonke umsebenzi.
Abantwana bakwa-Israyeli benze njalo; benza kukho konke njengalokho uJehova emyalile uMose.
UMose wabatshela abantwana bakwa-Israyeli njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose.
Benze njalo-ke oMose no-Aroni nayo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli kumaLevi; njengakho konke uJehova amyala ngakho uMose ngamaLevi, benze njalo kuwo abantwana bakwa-Israyeli.
nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.”
Kwathi ngomnyaka wamashumi amane ngenyanga yeshumi nanye ngolokuqala lwenyanga uMose wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli njengakho konke uJehova amyale ngakho ukuba akukhulume kubo,
“Bhekani, nginifundisile izimiso nezahlulelo njengokungiyala kukaJehova uNkulunkulu wami ukuthi niyakwenza kanjalo phakathi kwezwe eningena kulo ukulidla.
Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa lakhe; waphuma engazi lapho eya khona.
UMose kambe wayethembekile endlini yakhe yonke njengenceku, kuze kube ngubufakazi balokho obekuzakukhulunywa,
Abantwana bakwa-Israyeli bamisa eGiligali, bagcina iphasika ngosuku lweshumi nane lwenyanga ngakusihlwa emathafeni aseJeriko.