Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 9:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Bagcina iPhasika ngosuku lweshumi nane lwenyanga kusihlwa ehlane laseSinayi; njengalokho uJehova emyalile uMose, benze njalo abantwana bakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Balenza-ke iphasika ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa ehlane laseSinayi; njengakho konke uJehova amyala ngakho uMose, benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Bayolenza iphasika ehlane iSinayi ngenyanga yokuqala, ngosuku lwe-14, kusihlwa, njengakho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose, abantu bakwa-Israyeli benza kanjalo-ke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 9:5
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wenza ke uNowa; njengakho konke uNkulunkulu amyale ngakho, wenze njalo.


UNowa wenza njengalokho uJehova emyalile.


Benza kanjalo bonke abantwana bakwa-Israyeli; njengalokho uJehova ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke.


Waqedwa-ke wonke umsebenzi wetende lokuhlangana; abantwana bakwa-Israyeli benza njengalokho uJehova emyalile uMose, benze njalo-ke.


Njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose, abantwana bakwa-Israyeli bawenza wonke umsebenzi.


Abantwana bakwa-Israyeli benza-ke njengalokho uJehova emyalile uMose, benze njalo-ke.


UMose wabatshela abantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uJehova emyalile uMose.


OMose no-Aroni nayo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli benza kumaLevi, njengalokho uJehova emyalile uMose ngamaLevi, benze njalo abantwana bakwa-Israyeli kuwo.


UMose wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli ukuba baligcine iphasika.


nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe. Amen.


Ningabangane bami, uma nenza lokhu enginiyala ngakho.


Ngakho-ke, nkosi Agripha, angibanga ngongalaleliyo umbono wasezulwini;


Kwathi ngomnyaka wamashumi amane, ngenyanga yeshumi nanye, ngolokuqala lwenyanga, uMose wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli njengakho konke uJehova ayebayale ngakho;


Bhekani, nginifundisile izimiso nezahlulelo, njengalokho uJehova uNkulunkulu wami engiyalile, ukuba nenze kanjalo ezweni eningena kulo ukulidla.


Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume, aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa; waphuma engazi lapho eya khona.


UMose nempela wayethembekile endlini yakhe yonke njengenceku, kube ngubufakazi balokho okwakuzakhulunywa;


Abantwana bakwa-Israyeli bamisa eGiligali, bagcina iphasika ngosuku lweshumi nane lwenyanga kusihlwa emathafeni aseJeriko.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka