Wayesethi uNaboti ku-Ahabi: “Makube kude nami ngenxa kaJehova ukuba ngikunike ifa lawobaba.”
UNumeri 36:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ifa aliyikuhamba izizwe ngezizwe, ngokuba izizwe zabantwana bakwa-Israyeli ziyakunamathela, kube yileso naleso efeni laso. IsiZulu 2020 Akukho lifa eliyakuthathwa lidluliselwe kwesinye isizwana, ngokuba yileso naleso sizwana sakwa-Israyeli siyakunamathela efeni laso.” Contemporary Zulu Bible 2024 Ifa aliyikuphuma kwesinye isizwe liye kwesinye isizwe; kodwa izizwe zabantwana bakwa-Israyeli kumelwe zigcine yileso naleso efeni laso. |
Wayesethi uNaboti ku-Ahabi: “Makube kude nami ngenxa kaJehova ukuba ngikunike ifa lawobaba.”
Ifa labantwana bakwa-Israyeli aliyikuhamba izizwe ngezizwe, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bayakunamathela, kube yilowo nalowo efeni lesizwe sawoyise.
Yileyo naleyo ndodakazi enefa esizweni esithile sabantwana bakwa-Israyeli iyakuba ngumfazi womndeni wesizwe sikayise, ukuze yilowo nalowo wabantwana bakwa-Israyeli abe nefa lawoyise.
Ngalokho mayizwe inkosi yami, inkosi, amazwi enceku yayo. Uma nguJehova okuncokoloza ngami, makamukele umnikelo, kepha uma kungabantwana babantu, mabaqalekiswe phambi kukaJehova, ngokuba bangixoshile namuhla ukuba ngingazihlanganisi nefa likaJehova, bethi: ‘Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.’