Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 26:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Ngalokho mayizwe inkosi yami, inkosi, amazwi enceku yayo. Uma nguJehova okuncokoloza ngami, makamukele umnikelo, kepha uma kungabantwana babantu, mabaqalekiswe phambi kukaJehova, ngokuba bangixoshile namuhla ukuba ngingazihlanganisi nefa likaJehova, bethi: ‘Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

19 Ngakho-ke inkosi yami, inkosi uSawule, mayizwe amazwi enceku yayo. Uma kunguSimakade okwenza ukuba umelane nami, makawamukele umnikelo, kodwa uma kungabantwana babantu, mabaqalekiswe phambi kukaSimakade, ngokuba bangixoshile namuhla ukuba ngingabi nenhlanganyelo efeni likaSimakade, bethi: ‘Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Manje inkosi yami, inkosi, mayizwe amazwi enceku yayo. Uma uJehova ekuvusile ngokumelene nami, makamukele umhlatshelo; kepha uma bengamadodana abantu, baqalekisiwe phambi kukaJehova; ngoba bangixotshile lamuhla ukuthi ngingahlali efeni le Nkosi, besithi: Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 26:19
32 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJuda wayesesondela kuye, ethi: “O nkosi yami, inceku yakho mayikhulume izwi ezindlebeni zenkosi yami, ungavuthi ulaka ngenceku yakho, ngokuba ungangoFaro wena.


UJehova wezwa iphunga elimnandi; uJehova wathi enhliziyweni yakhe: “Angisayikuphinda ngiqalekise umhlaba ngenxa yabantu, ngokuba imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe; angisayikuphinda ngibhubhise konke okuphilayo, njengalokho ngenzile.


Ngokuba inkosi iyakuzwa, yophule incekukazi yayo esandleni somuntu oyakungichitha mina nendodana yami efeni likaNkulunkulu.’


Yathi inkosi: “Nginamsebenzi muni nani madodana kaSeruya. Njengokuba ethuka, lokhu uJehova eshilo futhi kuye ukuthi: ‘Thuka uDavide,’ ngubani ongasho ukuthi: ‘Ukwenzeleni lokho na?’ ”


UDavide wayesethi ku-Abishayi nakuzo zonke izinceku zakhe: “Bhekani, indodana yami eyaphuma ezibilinini zami ifuna ukuphila kwami; kakhulu kangakanani lo mBenjamini na? Myekeni, athuke, ngokuba uJehova ukhulumile kuye.


Mina ngingowokuthula nothembekileyo kwa-Israyeli; wena ufuna ukuchitha umuzi nonina kwa-Israyeli; uyakuligwinyelani ifa likaJehova na?”


wathi-ke uDavide kwabaseGibeyoni: “Nginenzele ntoni na? Ngingenza ukubuyisana ngantoni ukuba nibusise ifa likaJehova na?”


Intukuthelo kaJehova yabuye yavuthela u-Israyeli, wamvusa uDavide ngabo ngokuthi: “Hamba ubale u-Israyeli noJuda.”


“Wathi: ‘Ngiyakuphuma ngibe ngumoya wamanga emilonyeni yabaprofethi bakhe bonke.’ “Wayesethi: ‘Uyakumyenga, futhi uyakumahlula; hamba, wenze njalo.’


USathane wema ukulwa no-Israyeli, wavusa uDavide ukuba abale u-Israyeli.


Maye kimi! Ngokuba ngigogobele kwaMesheke, ngihlezi ematendeni akwaKedari.


Makakunike njengokwenhliziyo yakho, afeze icebo lakho lonke.


“Ungahlebi inceku enkosini yayo, funa ikuthuke, ube necala.


Khona uyakubona, ukhazimule; inhliziyo yakho iyakugquma, yanuleke, ngokuba ingcebo yolwandle iyakuphendulelwa kuwe, nemfuyo yezizwe iyakuza kuwe.


Ngiyakuyenza imizi yenu ibe yizwekufa, ngizenze izindlu zenu ezingcwele zibe yincithakalo; angisayikuhogela unqambothi lwamaphunga lwenu olumnandi.


Ifa labantwana bakwa-Israyeli aliyikuhamba izizwe ngezizwe, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bayakunamathela, kube yilowo nalowo efeni lesizwe sawoyise.


Ifa aliyikuhamba izizwe ngezizwe, ngokuba izizwe zabantwana bakwa-Israyeli ziyakunamathela, kube yileso naleso efeni laso.


Ngokuba uma umzalwane wakho edabukiswa ngenxa yokudla, awusahambi ngothando. Ungambhubhisi ngokudla kwakho lowo amfelayo uKristu.


Sengathi bangazihuna abaninyakazisayo.


awuyikulalela amazwi alowo mprofethi, noma lowo mphuphi wamaphupho, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakulinga ukuba azi ukuthi uyathanda yini uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho na?


U-Aleksandru, umkhandi wethusi wenza okubi okuningi kimi; iNkosi iyakumbuyisela ngokwemisebenzi yakhe;


Kwathi ngangomuso umoya omubi owavela kuNkulunkulu wamehlela uSawule, wabheva phakathi kwendlu; uDavide wayebetha ngesandla sakhe njengokwenza kwakhe izinsuku ngezinsuku; uSawule wayenomkhonto wakhe esandleni sakhe.


UDavide wathi kuSawule: “Ulalelelani amazwi abantu abathi: ‘Bheka, uDavide ufuna ukukulimaza’?


Wawa ngasezinyaweni zakhe, wathi: “Lobo bubi mabube phezu kwami, nkosi; incekukazi yakho mayikhulume ezindlebeni zakho, uzwe amazwi encekukazi yakho.


UDavide wathi enhliziyweni yakhe: “Ngiyakubhubha ngelinye ilanga ngesandla sikaSawule; akukho okungcono kimi kunokuba ngibaleke, ngiye ezweni lamaFilisti; uSawule uyakungiyeka, angabe esangifuna emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli, ngiphunyuke esandleni sakhe.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka