Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 3:50 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

kuwo amazibulo abantwana bakwa-Israyeli wayithatha imali, amashekeli* ayinkulungwane namakhulu amathathu namashumi ayisithupha nanhlanu ngokweshekeli lendlu engcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

emazibulweni abantu bakwa-Israyeli wathatha imali engamashekeli ayi-1 365 ngokweshekeli lendawo engcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Wayithatha imali kumazibulo abantwana bakwa-Israyeli; amashekeli ayinkulungwane namakhulu amathathu namashumi ayisithupha nanhlanu ngokweshekeli lendlu engcwele;

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 3:50
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UMose wayesethatha imali yokuhlenga kulabo abadlula abahlengiwe ngamaLevi;


UMose wamnika u-Aroni namadodana akhe imali yokuhlenga njengezwi likaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.


njengalokho iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.


wangena kanye kuphela endaweni engcwele, kungengegazi lezimbuzi nelamathole kepha ngegazi lakhe, ezuzile ukukhululwa okuphakade.


nazi ukuthi anihlengwanga ekuhambeni kwenu okuyize enakunikezwa ngawoyihlo ngezinto ezibhubhayo, isiliva negolide,


Ngokuba naye uKristu wahlupheka kwaba kanye ngezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuba asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni kepha ephiliswa emoyeni,