Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




1 kaPetru 1:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 nazi ukuthi anihlengwanga ekuhambeni kwenu okuyize enakunikezwa ngawoyihlo ngezinto ezibhubhayo, isiliva negolide,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

18 Nina niyazi ukuthi nahlengwa ezintweni ezingasho lutho zokhokho benu, hhayi ngezinto eziphelayo njengesiliva noma igolide,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

18 Njengoba nazi ukuthi anihlengwanga ngezinto ezibhubhayo, isiliva negolide, enkambweni yenu eyize enayamukeliswa oyihlo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Njengoba nazi ukuthi anihlengwanga ngezinto ezibhubhayo, isiliva negolide, enkambweni yenu eyize enayamukeliswa oyihlo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 kaPetru 1:18
28 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje; impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.


Maningakwethembi ukuqhwaga, ningazigabisi ngokuphangiweyo; uma imfuyo yanda, ningayibeki inhliziyo kuyo.


Ngesulile iziphambeko zakho njengefu, nezono zakho njengemilaza; buyela kimi, ngokuba ngikuhlengile.”


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Nathengiswa ngento engelutho; niyakuhlengwa ngaphandle kwemali.”


Jehova, mandla ami nenqaba yami, siphephelo sami ngosuku lokuhlupheka, bayakuza kuwe abezizwe, bevela emajukujukwini omhlaba, bathi: “Obaba badlile ifa lamanga kuphela, okuyize, engekho kukho insizakalo.


Ngaleso sikhathi kuyakuthiwa kulaba bantu nakulo iJerusalema: “Ishisandlu elivela emadulini angenalutho liya endodakazini yabantu bami, lingayikubahlakaza, lingayikubahlunga.


Kepha siyakwenza nokwenza onke amazwi aphumile emilonyeni yethu, sishisele inkosikazi yezulu impepho, siyithululele iminikelo yokuphuzwa, njengalokho senzile, thina nawobaba, namakhosi ethu, nezikhulu zethu emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, ngokuba sasisuthi isinkwa, sahlala kahle, asabona okubi.


kepha belandela inkani yezinhliziyo zabo nawoBali abakufundiswa ngoyise.”


Ngathi kubantwana babo ehlane: “Ningahambi ngezimiso zawoyihlo, ningagcini izahlulelo zabo, ningazingcolisi ngezithombe zabo.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaJuda, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba bawulahlile umthetho kaJehova, abagcinanga izimiso zakhe, namanga abo abadukisile, abawalandelayo nawoyise.


neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa,


Yingabe angakhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na?


ngokuba kuthe bemazi uNkulunkulu, kabamdumisanga, kabambonganga njengoNkulunkulu, kodwa balutheka ekuzindleni kwabo; inhliziyo yabo engaqondiyo yaba mnyama.


nokuthi: “INkosi iyazazi izizindlo zabahlakaniphileyo ukuthi ziyize.”


Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mbongeni uNkulunkulu emzimbeni wenu.


Nithengiwe ngenani elikhulu; ningabi yizigqila zabantu.


owazinikela ngenxa yezono zethu, ukuze asophule kuleli zwe elibi lamanje ngokwentando kaNkulunkulu uBaba wethu;


Ngakho ngisho, ngifakaza eNkosini, ngithi ningabe nisahamba njengalokhu kuhamba abezizwe ebuzeni bengqondo yabo,


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.


wangena kanye kuphela endaweni engcwele, kungengegazi lezimbuzi nelamathole kepha ngegazi lakhe, ezuzile ukukhululwa okuphakade.


ukuze ukuvivinywa kokukholwa kwenu okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo kufunyanwe kube ngukubongwa, nodumo, nokutuseka ekwambulweni kukaJesu Kristu;


Ngokuba isikhathi esidlulileyo sasanele ukwenza okuthandwa ngabezizwe ngokuhamba ngamanyala, nangezinkanuko, nangokudakwa, nangokuminza, nangokuxokozela, nangokukhonza izithombe okuyichilo.


Senazi ukuthi yena wabonakaliswa, ukuze asuse izono; akukho sono kuye.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka