Abathulula igolide esikhwameni yini, balinganise isiliva esilinganisweni, baqashe umkhandi wesiliva ukuba enze unkulunkulu, bese bekhothama, bakhuleke, na?
UNumeri 23:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wamyisa ensimini yaseSofimu esiqongweni sasePisiga, wakha ama-altare ayisikhombisa, wanikela ngenkunzi nangenqama kulelo nalelo altare. IsiZulu 2020 Wamsusa lapho waya naye ensimini eZofimu, esiqongweni sentaba iPhisiga. Wakha ama-althare ayisikhombisa, kwathi kulelo nalelo althare wenza umnikelo ngenkunzi nenqama. Contemporary Zulu Bible 2024 Yamyisa ensimini yaseSofimi esiqongweni sasePisga, wakha ama-altare ayisikhombisa, wanikela ngenkunzi nangenqama kulelo nalelo altare. |
Abathulula igolide esikhwameni yini, balinganise isiliva esilinganisweni, baqashe umkhandi wesiliva ukuba enze unkulunkulu, bese bekhothama, bakhuleke, na?
Uma iGileyadi linobubi, impela bayakuba ngabachithiwe; uma behlabela izinkunzi eGiligali, ama-altare abo ayakuba njengezinqwaba ngasemiseleni yamasimu.
basuka eBamoti, baya esigodini esisezweni lakwaMowabi nasesiqongweni sasePisiga, elibheke ngenzansi ngasehlane.
UBalaki wayesethi kuye: “Ake uze nami, siye kwenye indawo, lapho ungababona khona; uyakubona inxenye yabo kuphela, ungaboni bonke; ungiqalekisele bona uselapho.”
Wathi kuBalaki: “Yima lapha ngasemnikelweni wakho wokushiswa, mina ngilinde laphaya.”
UBileyamu wayesethi kuBalaki: “Ngakhele lapha ama-altare ayisikhombisa, ungilungisele izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa.”
Khuphukela esiqongweni sasePisiga, uphakamisele amehlo akho ngasentshonalanga, nangasenyakatho, nangaseningizimu, nangasempumalanga, ulibheke ngamehlo akho, ngokuba awuyikuliwela leli Jordani.
UMose wakhuphuka emathafeni akwaMowabi, waya entabeni yaseNebo esiqongweni sasePisiga esimalungana neJeriko. UJehova wamtshengisa izwe lonke lakwaGileyadi kwaze kwaba kwaDani,
nalo lonke i-Araba ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, kuze kube seLwandle lwase-Araba phansi kwemithambeka yasePisiga.