Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 19:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

nisinike u-Eleyazare umpristi, yena asikhiphele ngaphandle kwekamu,* sihlatshwe phambi kwakhe;

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

basinike u-Eleyazare umphristi, yena asikhiphele ngaphandle kwenkambu, asihlabe phambi kwakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kumelwe ulinike u-Eleyazare umpristi, ukuze amkhiphele ngaphandle kwekamu, futhi othile kumelwe alibulale phambi kobuso bakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 19:3
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkunzi yomnikelo wesono nempongo yomnikelo wesono, elangeniswa igazi lazo ukwenza ukubuyisana endaweni engcwele, ziyakukhishelwa ngaphandle kwekamu,* kushiswe ngomlilo izikhumba zazo nenyama yazo nomswani wazo.


“Mkhiphele ngaphandle kwekamu* lowo othukile; bonke abamuzwa mababeke izandla zabo ekhanda lakhe, inhlangano yonke imkhande ngamatshe.


Isikhumba senkunzi, nayo yonke inyama yayo, nenhloko yayo, namanqina ayo, nezibilini zayo, nomswani wayo,


yebo, yonke inkunzi uyakuyikhiphela ngaphandle kwekamu,* ayiyise endaweni ehlambulukileyo lapho uthululwa khona umlotha.


Uyakuyikhiphela inkunzi ngaphandle kwekamu,* ayishise, njengalokho wayishisa inkunzi yokuqala: lokhu kungumnikelo wesono webandla.


Yonke inhlangano yamkhiphela ngaphandle kwekamu,* yamkhanda ngamatshe, wafa, njengalokho uJehova emyalile uMose.


“ ‘Umuntu ohlambulukileyo uyakubutha umlotha wesithole, awubekele ngaphandle kwekamu* endaweni ehlambulukileyo, ugcinelwe inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli kube ngamanzi okuphothula; kungumnikelo wesono.


ONadabi no-Abihu bafa phambi kukaJehova, benikela ngomlilo ongafanele ebusweni bukaJehova ehlane laseSinayi; babengenabantwana. Kwase kukhonza o-Eleyazare no-Itamari esikhundleni sobupristi ebusweni buka-Aroni uyise.


“Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba bakhiphe ekamu* bonke abanochoko, nabo bonke abacucayo, nabo bonke abangcoliswe ngabafileyo,