Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 19:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Lokhu kuyisimiso somthetho uJehova ayalile ngaso ukuthi: ‘Yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe isithole esibomvu esingenasici, singenansolo, okungazange kubekwe ijoka phezu kwaso,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 “Lokhu kuyisimiso somthetho uSimakade ayale ngaso ukuba usitshele abantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Mabalethe kuwe isithole esibomvu esingenasici, esingasoleki, esingakaze siboshelwe ejokeni,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Lokhu kungukuqiniswa komthetho uJehova ayala ngawo ngokuthi: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi banilethele inkomo ebomvu engenasici, engenasici, engabekwanga joka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 19:2
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Iwundlu malingabi nasici, libe ngeleduna, libe nomnyaka munye, nilithathe ezimvini noma ezimbuzini;


“Wozani-ke, sithethe indaba,” usho uJehova; “noma izono zenu zibomvu kakhulu, ziyakuba mhlophe njengeqhwa; noma zibomvu njengokububende, ziyakuba njengoboya bezimvu.


“Iziphambeko zami zaboshwa ngesandla sakhe, zaba yijoka; zalukwa, sezisentanyeni yami; wakhubekisa amandla ami. INkosi inginikele esandleni sabo engingenakumelana nabo.


“ ‘Uma umnikelo wakhe ungowemihlambi, owasezimvini noma owasezimbuzini, ube ngumnikelo wokushiswa, wonikela ngeduna elingenasici.


“ ‘Uma umnikelo wakhe ungumnikelo wokushiswa wemihlambi, uyakunikela ngeduna elingenasici, anikele ngalo ngasemnyango wetende lokuhlangana, aze amukeleke kuJehova.


Inyoni ezwayo uyakuyithatha kanye nomsedari nendwangu ebomvu nehisopi,* akugcobhoze kanye nenyoni ezwayo egazini lenyoni eyahlatshwa phezu kwamanzi agobhozayo,


UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:


umpristi uyakuthabatha umsedari,* nehisopi,* nendwangu ebomvu, akuphonse phakathi kokushayo kwesithole.


Umpristi u-Eleyazare wathi kumadoda empi ayeyile ekulweni: “Lokhu kuyisimiso somthetho uJehova ayale ngaso uMose:


Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke okungcwele okuzozalwa kuzakuthiwa iNdodana kaNkulunkulu.


kuze kuthi umuzi oseduze nobuleweyo, amalunga alowo muzi athathe isithokazi ezinkomeni okungasetshenzwanga ngaso, singadonsanga ejokeni,


Ngokuba umpristi omkhulu onjalo usifanele thina, ongcwele, ongenacala, ongenabala, owahlukanisiwe nezoni, owenziwa aphakame phezu kwamazulu,


kodwa yona kanye nokudla nokuphuza nokugeza okuyizinhlobonhlobo iyizimiso zenyama kuphela ezibekiweyo, kuze kufike isikhathi sokupheleliswa kwezinto.


kodwa ngegazi elinqabileyo likaKristu kungathi elewundlu elingenacala, elingenabala;


“Ongenzanga isono, akufunyanwanga nankohliso emlonyeni wakhe,”


nakuJesu Kristu ufakazi othembekayo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye osithandayo nowasikhululayo ezonweni zethu ngegazi lakhe


“Manje thathani nilungise inqola entsha nezinkomo ezimbili ezincelisayo okungafikanga joka phezu kwazo, nizibophele izinkomo enqoleni, nibuyisele ekhaya amankonyane azo,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka