Nabantwana babo wabandisa ngangezinkanyezi zezulu, wabangenisa ezweni owasho ngalo koyise ukuthi bayakungena ukulidla.
UNumeri 14:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE abayikubona ngempela izwe engalifungela oyise, futhi aliyikubonwa muntu walabo abangidelela; IsiZulu 2020 akukho namunye kubo oyakulibona izwe engafunga kokhokho babo ngalo. Bonke labo abangedelela ehlane abayukulibona. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngempela, ngeke balibone izwe engalifungela okhokho babo, futhi akekho noyedwa walabo abangiklolodelayo oyolibona. |
Nabantwana babo wabandisa ngangezinkanyezi zezulu, wabangenisa ezweni owasho ngalo koyise ukuthi bayakungena ukulidla.
uma senza okubi emehlweni ami, singalilaleli izwi lami, ngiyakubuya kukho okuhle ebengisho ukuthi ngiyakusenzela khona.
Yebo, ngabaphakamisela isandla sami ehlane ukuba ngingabangenisi ezweni engangibanike lona, lichichima ubisi nezinyosi, elihle kunawo onke amazwe,
Kepha phakathi kwalabo kwakungekho muntu wababebaliwe nguMose nangu-Aroni umpristi, ababala abantwana bakwa-Israyeli ehlane laseSinayi.
Ngokuba uJehova wayeshilo ngabo wathi: “Bayakufa nokufa ehlane.” Akusalanga muntu kubo ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.
‘Impela kulaba bantu abaphuma eGibithe, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, akayikubona noyedwa izwe engalifungela u-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ngokuba abangilandelanga ngokuphelelyo,
Bhekani, ngilibekile izwe phambi kwenu; ngenani nilidle izwe uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe ukulinika bona nenzalo yabo emva kwabo.’
Ngokuba siyangena ekuphumuleni thina esikholwayo njengokusho kwakhe ukuthi: “Kanjalo ngafunga ekuthukutheleni kwami, ngathi: ‘Abayikungena ekuphumuleni kwami,’ ” nakuba imisebenzi yayenziwa kwasekusekelweni kwezwe.