Abantwana bakwa-Israyeli basuka, benze njalo; njengalokho uJehova ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke.
UNumeri 1:54 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana bakwa-Israyeli benze njalo; benza kukho konke njengalokho uJehova emyalile uMose. IsiZulu 2020 Abakwa-Israyeli benza konke njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose. Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwa-Israyeli benza-ke njengalokho uJehova emyalile uMose, benze njalo-ke. |
Abantwana bakwa-Israyeli basuka, benze njalo; njengalokho uJehova ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke.
Njalo-ke kwaqedwa wonke umsebenzi wetabernakele* letende lokuhlangana; abantwana benza njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose; benze njalo-ke.
UMose wabona wonke umsebenzi; bheka, babewenzile; njengalokho uJehova eyalile, bawenza kanjalo; uMose wababusisa.
Nxa bengena etendeni lokuhlangana nanxa besondela e-altare, bageza njengalokho uJehova emyalile uMose.
Kepha amaLevi ayakumisa nxazonke zetabernakele* lobufakazi, ukuze kungabikho lulaka phezu kwenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, amaLevi agcine izimfanelo zetabernakele lobufakazi.”
Benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli: njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose, kanjalo bamisa ngasemabhaneleni* abo, kanjalo basuka, kwaba yilowo nalowo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise.
Benze njalo-ke oMose no-Aroni nayo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli kumaLevi; njengakho konke uJehova amyala ngakho uMose ngamaLevi, benze njalo kuwo abantwana bakwa-Israyeli.
Noma kwakuyizinsuku ezimbili, noma inyanga, noma isikhathi esingakanani ifu lisahlezi phezu kwetabernakele, abantwana bakwa-Israyeli bahlala ekamu,* abahambanga; kepha lapho lenyuswa, bahamba.
Balenza-ke iphasika ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa ehlane laseSinayi; njengakho konke uJehova amyala ngakho uMose, benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli.
nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.”
“Konke enginiyala ngakho, anoqaphela ukuba nikwenze; awuyikuthasisela kukho, futhi ungakunciphisi.
USamuweli wathi: “UJehova uyenamela yini iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaJehova, na? Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo, nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.