Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Uza, uNkulunkulu wamshaya lapho ngenxa yesiphosiso sakhe; wafela khona ngasemphongolweni kaNkulunkulu.
UNumeri 1:51 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ekusukeni kwetabernakele* amaLevi ayakulisusa, ekumisweni kwalo amaLevi alimise; umfokazi osondelayo uyakubulawa. IsiZulu 2020 Lapho sekusukwa, abaLevi bayoliwisa ithabanakeli, kuthi lapho kukaniswa khona, babuye balimise; umfokazi oyosondela kulo uyakubulawa. Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho itabernakele lisuka, amaLevi kumelwe alidilize; ekumisweni kwetabernakele, amaLevi alimise; futhi umfokazi osondelayo kumelwe abulawe. |
Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Uza, uNkulunkulu wamshaya lapho ngenxa yesiphosiso sakhe; wafela khona ngasemphongolweni kaNkulunkulu.
Kwathi ngomnyaka wesibili ngenyanga yesibili ngolwamashumi amabili lwenyanga ifu lenyuswa etabernakele* lobufakazi.
ibe yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli, ukuze umfokazi ongesiye owenzalo ka-Aroni angasondeli ukushisa impepho phambi kukaJehova, angabi njengoKora neviyo lakhe, njengalokho uJehova wakhuluma kuye ngesandla sikaMose.
Bonke abasondelayo abasondela etabernakele* likaJehova bayakufa; siyakuphela sonke na?”
Kuyakuthi umuntu engiyakumkhetha, intonga yakhe ihlume, ngenze ukuba kuphele ngakimi ukukhonona kwabantwana bakwa-Israyeli abakhonona ngakho ngani.”
Abantwana bakwa-Israyeli mabangabe besasondela etendeni lokuhlangana, funa bathwale isono, bafe.
Bayakugcina imfanelo yakho nenkonzo yetende lonke; kodwa abayikusondela empahleni yendlu engcwele nase-altare, ukuze bangafi, nabo nani.
Bayakuhlanganiswa nawe, bagcine inkonzo yetende lokuhlangana kuwo wonke umsebenzi wetende; umfokazi akayikusondela kuwe.
Wena namadodana akho kanye nawe niyakugcina ubupristi kukho konke okwe-altare, nakukho konke okuphakathi kwesihenqo; niyakukhonza; ngiyaninika ubupristi njengenkonzo yesipho; umfokazi osondelayo wobulawa.”
Uyakumisa u-Aroni namadodana akhe, bagcine ubupristi babo; umfokazi osondelayo uyakubulawa.”
Labo abamisa phambi kwetabernakele* ngasempumalanga, ngaphambi kwetende lokuhlangana ngasekuphumeni kwelanga, bayakuba ngoMose no-Aroni namadodana akhe, begcina inkonzo yendlu engcwele, begcina imfanelo yabantwana bakwa-Israyeli; umfokazi osondelayo uyakubulawa.
Wabulala abantu baseBeti Shemeshi, ngokuba babebukile umphongolo kaJehova; wabulala kubantu amadoda angamashumi ayisikhombisa emadodeni ayizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu; abantu balila, ngokuba uJehova wabulala abantu ngokubulala okukhulu.