Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 3:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Uyakumisa u-Aroni namadodana akhe, bagcine ubupristi babo; umfokazi osondelayo uyakubulawa.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

10 Uyoqoka u-Aroni namadodana akhe ukuba benze umsebenzi wobuphristi; umfokazi oyosondela kubo, uyakubulawa.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kumelwe umise u-Aroni namadodana akhe, futhi kumelwe balinde esikhundleni sabo sobupristi; futhi umfokazi osondelayo kumelwe abulawe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 3:10
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Uza, uNkulunkulu wamshaya lapho ngenxa yesiphosiso sakhe; wafela khona ngasemphongolweni kaNkulunkulu.


Wakha nezindlu zezindawo eziphakemeyo, wenza abapristi ngeningi labantu abangesiwo amadodana kaLevi.


Bakhonza ngokuhlabelela phambi kwetabernakele* letende lokuhlangana, uSolomoni waze wakha indlu kaJehova eJerusalema. Bema emsebenzini wabo njengomthetho wabo.


Ngathi: “Umuntu onjengami abaleke na? Ngubani onjengami ongangena ethempelini, aphile, na? Angingeni.”


Ubabhincise amabhande* u-Aroni namadodana akhe, uzibophe izigqoko kubo, babe nobupristi, kube yisimiso esiphakade, wahlukanise u-Aroni namadodana akhe.


Anigcinanga inkonzo yezinto zami ezingcwele, kepha nibeke abayakunigcinela inkonzo endlini yami engcwele.


“ ‘Umfokazi akayikudla okungcwele; umuntu ogogobeleyo wompristi noma umqashwa angadli okungcwele.


Ekusukeni kwetabernakele* amaLevi ayakulisusa, ekumisweni kwalo amaLevi alimise; umfokazi osondelayo uyakubulawa.


nokuthi ukusondezile wena, nabafowenu bonke, amadodana kaLevi, kanye nawe na? Senifisa nobupristi futhi na?


Umlilo waphuma kuJehova, waqeda abantu abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, ababenikele ngempepho.


ibe yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli, ukuze umfokazi ongesiye owenzalo ka-Aroni angasondeli ukushisa impepho phambi kukaJehova, angabi njengoKora neviyo lakhe, njengalokho uJehova wakhuluma kuye ngesandla sikaMose.


Bayakugcina imfanelo yakho nenkonzo yetende lonke; kodwa abayikusondela empahleni yendlu engcwele nase-altare, ukuze bangafi, nabo nani.


Wena namadodana akho kanye nawe niyakugcina ubupristi kukho konke okwe-altare, nakukho konke okuphakathi kwesihenqo; niyakukhonza; ngiyaninika ubupristi njengenkonzo yesipho; umfokazi osondelayo wobulawa.”


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Labo abamisa phambi kwetabernakele* ngasempumalanga, ngaphambi kwetende lokuhlangana ngasekuphumeni kwelanga, bayakuba ngoMose no-Aroni namadodana akhe, begcina inkonzo yendlu engcwele, begcina imfanelo yabantwana bakwa-Israyeli; umfokazi osondelayo uyakubulawa.


uma singesokukhonza, kube senkonzweni; ofundisayo, kube sekufundiseni,


Ngakho aniseyibo abafokazi nezihambi, kodwa senimbuso munye nabangcwele, ningabendlu kaNkulunkulu,


Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho umkhethile kuzo zonke izizwe zakho ukuba eme, akhonze egameni likaJehova, yena namadodana akhe, kuze kube phakade.


Ngokuba uma ebesemhlabeni, ubengayikuba ngumpristi nakanye, ngokuba bakhona abapristi abanikela ngeminikelo ngomthetho,


Lowo muntu uMika wayenendlu enawonkulunkulu, wenza ingubo yamahlombe namatherafi,* wahlukanisela enye indodana yakhe ibe ngumpristi wakhe.


Wabulala abantu baseBeti Shemeshi, ngokuba babebukile umphongolo kaJehova; wabulala kubantu amadoda angamashumi ayisikhombisa emadodeni ayizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu; abantu balila, ngokuba uJehova wabulala abantu ngokubulala okukhulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka