Wayesethi u-Ahabi ku-Eliya: “Usungitholile wena sitha sami na?” Wathi: “Ngikutholile, ngokuba uzithengisile ukwenza okubi emehlweni kaJehova.
UMikha 3:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE nina enizonda okuhle, nithanda okubi, enebula kubo isikhumba sabo, nenyama yabo emathanjeni abo, IsiZulu 2020 Kodwa nina nizonda okuhle, nithande okubi, nebula isikhumba sabo nibasuse inyama emathanjeni abo. Contemporary Zulu Bible 2024 ozonda okuhle futhi othanda okubi; eniklebhula isikhumba sabo kubo, nenyama yabo emathanjeni abo; |
Wayesethi u-Ahabi ku-Eliya: “Usungitholile wena sitha sami na?” Wathi: “Ngikutholile, ngokuba uzithengisile ukwenza okubi emehlweni kaJehova.
UJehu, indodana kaHanani umboni, waphuma ukumhlangabeza, wathi enkosini uJehoshafati: “Usiza yini ababi, uthanda abamzondayo uJehova na? Ngalokho intukuthelo iphezu kwakho ivela kuJehova.
obuka onengekayo ngokuzakumenyanya, kepha ebazisa abamesabayo uNkulunkulu; ofunga ngokuzakumlimaza, nokho angalaphuli izwi lakhe;
Abanakwazi yini abenza okubi, abadla abantu bami njengalokhu bedla isinkwa, bengakhuleki kuNkulunkulu.
Nichobozeleni abantu bami, nigaye ubuso babampofu, na?” isho iNkosi uJehova Sebawoti.
Wo kubona abasho okubi ukuthi kungokuhle, nokuhle ukuthi kungububi, ababeka ubumnyama bube ngukukhanya, nokukhanya kube ngubumnyama, babeke nokubabayo kube ngubumtoti, nobumtoti bube ngokubabayo!
“Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ababuleweyo benu enibabekile phakathi kwawo bayinyama, nawo uqobo uyikhanzi, kepha nina ngiyakunikhipha phakathi kwawo.
Izikhulu zawo phakathi kwawo zinjengezimpisi ezidwengula impango ukuchitha igazi nokuqeda imiphefumulo ukuba ziphange nokuphanga.
uqoqele kulo izinqamu zalo, zonke izinqamu ezinhle, ithanga nehlombe, uligcwalise ngamathambo akhethekileyo.
Niyadla amanoni, nembatha uboya, nihlaba ezikhulupheleyo, kepha izimvu anizalusi.
Yizwani leli zwi, nina zinkomo zaseBashani enisentabeni yaseSamariya, enicindezela abaphansi, enichoboza abampofu, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”
Zondani okubi, nithande okuhle, nimise ukwahlulela esangweni; mhlawumbe uJehova uNkulunkulu Sebawoti uyakuba nomusa kuyo insali yakwaJosefa.
Kepha kade bevukile abantu bami baba yizitha; nihlubula ingubo esambathweni sabadlula ngethemba, befulathele ukulwa.
Abathembekileyo babhubhile emhlabeni, akakho oqotho phakathi kwabantu; bonke baqamekela igazi; bayazingelana, kube yilowo nalowo umfowabo ngenetha.
Izandla zabo ziphezu kokubi ukukuthuthukisa; isikhulu sinesicelo, umahluleli ubheka umvuzo; omkhulu ukhuluma ngesifiso somphefumulo wakhe; bayakwalukanisa.
Izikhulu zawo phakathi kwawo ziyizingonyama ezibhongayo; abahluleli bawo bayizimpisi zokuhlwa; abashiyeli lutho ingomuso.
“Kepha abantu bomuzi wakhe babemzonda, bathuma amanxusa emva kwakhe, bethi: ‘Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu.’
Khona babuye bamemeza bonke, bathi: “Qha lona, kodwa uBaraba.” Kepha uBaraba wayengumphangi.
Izwe lingenizonde nina, kepha mina liyangizonda, ngokuba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi.
abathi besazi isimiso sokulunga sikaNkulunkulu sokuthi abenza okunjalo bafanele ukufa, abenzi lokho kuphela, kodwa babuye bavumelana nabakwenzayo.
nabangenaluthando, nabahlebi, nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle,