Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 53:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Abanakwazi yini abenza okubi, abadla abantu bami njengalokhu bedla isinkwa, bengakhuleki kuNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Abanakwazi yini abenza okubi, abadla abantu bami njengalokhu bedla isinkwa, bengakhuleki kuNkulunkulu na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Abenzi bokubi abanakwazi na? abantu bami abazidlayo bedla isinkwa; ababizanga kuNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 53:4
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ekusondeleni kwababi ukuba badle inyama yami abamelene nami nezitha zami bayakhubeka, bawe.


Qaphelani nina zithutha phakathi kwabantu; nani ziwula, niyakuqonda nini na?


Lapho amagatsha awo esebunile, ayakwaphulwa, kufike abesifazane, baphembe umlilo kuwo, ngokuba bangabantu abangenakuqonda; ngalokho owabenzayo akayikubahawukela, nowababumbayo akayikuba namusa kubo.


Thulula ukufutheka kwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo naphezu kwemindeni engalibizi igama lakho, ngokuba bamdlile uJakobe; yebo, bamdlile bamqeda, balichitha ikhaya lakhe.


“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bahlakaniphele ukwenza okubi, kepha ukwenza okuhle kabakwazi.”


Izimpondo eziyishumi owazibonayo, nesilo, lezi ziyakusizonda isifebe, zisenze incithakalo, sibe yize, zidle inyama yaso, zisishise ngomlilo, zisiqede;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka