Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMikha 3:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngathi: “Zwanini nina zinhloko zakwaJakobe, nani zikhulu zendlu yakwa-Israyeli ukuthi: Akusikho okwenu ukwazi ukulunga

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Ngathi: “Ake nizwe nina zinhloko zakwaJakobe, nani baholi bendlu ka-Israyeli. Akunina yini okufanele nazi ubulungiswa na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngasengisithi: Zwanini-ke, lina zinhloko zikaJakobe, lina babusi bendlu kaIsrayeli. Akukhona yini okwenu ukwazi ukwahlulela?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMikha 3:1
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngase ngiphikisana nabakhulu bakwaJuda, ngathi kubo: “Okubi kuni lokhu enikwenzayo, nilona usuku lwesabatha na?


Abaqondi lutho yini bonke abenza okubi, abadla abantu bami, njengokuba bedla isinkwa, bangakhuleki kuJehova, na?


Yizwani izwi likaJehova nina babusi baseSodoma, nibeke indlebe ekufundiseni kukaNkulunkulu wethu nina bantu baseGomora.


ukuchezukisa abampofu ekwahluleleni, nokwaphuca abaswelayo babantu bami umthetho, ukuze abafelokazi babe yimpango yabo, baqhwage izintandane.


“ ‘Bheka, izikhulu zakwa-Israyeli, kwaba yileso naleso njengamandla aso, zaziphakathi kwakho ukuchitha igazi.


“Ndodana yomuntu, profetha ngabelusi bakwa-Israyeli; profetha uthi kubo, kubelusi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wo kubelusi bakwa-Israyeli abazibonelela bona! Abelusi bebengayikuzalusa izimvu na?


Niyadla amanoni, nembatha uboya, nihlaba ezikhulupheleyo, kepha izimvu anizalusi.


Wathi kimi: “Ububi bendlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda bukhulu kakhulu impela, nezwe ligcwele igazi, nomuzi ugcwele ukuhlanekezela, ngokuba bathi: ‘UJehova ulishiyile izwe, uJehova akakuboni.’


“Yizwani lokhu nina bapristi, nilalele nina ndlu ka-Israyeli, nibeke indlebe nina ndlu yenkosi, ngokuba ukwahlulela kukinina, lokhu nanilugibe eMispa nenetha elenekwe eThabori.


Yizwani leli zwi, nina zinkomo zaseBashani enisentabeni yaseSamariya, enicindezela abaphansi, enichoboza abampofu, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”


Wo kwabazinzileyo eSiyoni, nabalondekile entabeni yaseSamariya, abaqhamileyo besokuqala sezizwe, efika kubo indlu yakwa-Israyeli!


Umfohli ukhuphuka ngaphambi kwabo; sebefohlile, badlulela esangweni, baphuma ngalo; inkosi yabo idlulile phambi kwabo, noJehova usesihlokweni sabo.”


Ngisho lokhu ukuba nibe namahloni. Kunjalo kanti: akukho namunye phakathi kwenu ohlakaniphileyo onganquma phakathi kwabazalwane bakhe na?


“Uyakuzikhethela abahluleli nezinduna emasangweni akho onke uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona njengezizwe zakho; bayakwahlulela abantu babo ngokwahlulela okulungileyo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka