Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Obadiya 1:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngokuba njengalokho niphuzile entabeni yami engcwele, bayakuphuza kanjalo bonke abezizwe, baphuze, bagwinye, babe njengokungathi abazange babe khona.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Impela njengoba niphuzile entabeni yami engcwele, zonke izizwe ziyakuphuza zingaphezi, ziphuze, zigwinye, kube sengathi azizange zibe khona.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngokuba njengalokho niphuzile entabeni yami engcwele, ziyakuphuza kanjalo zonke izizwe, ziphuze, zidle, zibe sengathi azigezwanga.

Uka jalj uñjjattʼäta



Obadiya 1:16
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Sekuyisikhathi eside ngithulile, ngathula ngazibamba; sengiyakukhala njengobelethayo, ngiphefuzele, ngibitoze kanyekanye.


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, labo okwakungesibo okwabo ukuphuza indebe bayakuyiphuza nokuyiphuza; ubuyakuba ngongenacala na? Awuyikuba ngongenacala, ngokuba uyakuyiphuza nokuyiphuza.


Jabula, uthokoze, ndodakazi yakwa-Edomi, ohlala ezweni lase-Uzi. Indebe iyakudlulela nakuwena; uyakudakwa, uzenze nqunu.


Bese nikwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu engihlala eSiyoni, intaba yami engcwele; iJerusalema liyakuba ngcwele, abafokazi abasayikulidabula.


Zonke zifikela indluzula, ubuso bazo bujonga phambili; zibutha abathunjwa njengesihlabathi.


Ngokuba sekuyisikhathi sokuba ukwahlulela kuqale endlini kaNkulunkulu; kepha uma kuthathela kithina, kuyakuba yini ukuphela kwabangalaleli ivangeli likaNkulunkulu na?