“Sekuyisikhathi eside ngithulile, ngathula ngazibamba; sengiyakukhala njengobelethayo, ngiphefuzele, ngibitoze kanyekanye.
Obadiya 1:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba njengalokho niphuzile entabeni yami engcwele, bayakuphuza kanjalo bonke abezizwe, baphuze, bagwinye, babe njengokungathi abazange babe khona. IsiZulu 2020 Impela njengoba niphuzile entabeni yami engcwele, zonke izizwe ziyakuphuza zingaphezi, ziphuze, zigwinye, kube sengathi azizange zibe khona. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba njengalokho niphuzile entabeni yami engcwele, ziyakuphuza kanjalo zonke izizwe, ziphuze, zidle, zibe sengathi azigezwanga. |
“Sekuyisikhathi eside ngithulile, ngathula ngazibamba; sengiyakukhala njengobelethayo, ngiphefuzele, ngibitoze kanyekanye.
Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, labo okwakungesibo okwabo ukuphuza indebe bayakuyiphuza nokuyiphuza; ubuyakuba ngongenacala na? Awuyikuba ngongenacala, ngokuba uyakuyiphuza nokuyiphuza.
Jabula, uthokoze, ndodakazi yakwa-Edomi, ohlala ezweni lase-Uzi. Indebe iyakudlulela nakuwena; uyakudakwa, uzenze nqunu.
Bese nikwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu engihlala eSiyoni, intaba yami engcwele; iJerusalema liyakuba ngcwele, abafokazi abasayikulidabula.
Zonke zifikela indluzula, ubuso bazo bujonga phambili; zibutha abathunjwa njengesihlabathi.
Ngokuba sekuyisikhathi sokuba ukwahlulela kuqale endlini kaNkulunkulu; kepha uma kuthathela kithina, kuyakuba yini ukuphela kwabangalaleli ivangeli likaNkulunkulu na?