Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Obadiya 1:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 “Ngokuba usuku lukaJehova lusondele ezizweni zonke; njengokwenza kwakho kuyakwenziwa kanjalo kuwe; izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

15 Ngokuba usuku lukaSimakade selusondele kuzo zonke izizwe; njengoba wena wenze kanjalo kuyakwenziwa kanjalo nakuwe. Izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngoba usuku lweNkosi luseduze phezu kwezizwe zonke; njengoba wenze, kuyakwenziwa kuwe; inkokhelo yakho iyobuyela ekhanda lakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Obadiya 1:15
28 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

kepha lapho lokho kwafika phambi kwenkosi, yasho ngencwadi ukuba lelo cebo elibi ayelicebe ngabaJuda libuyele ekhanda lakhe, yena namadodana akhe baphanyekwe emthini.


“Kungani ukuba uSomandla angazibekeleli izikhathi zokwahlulela, abamaziyo babone imihla yakhe, na?


Ndodakazi yaseBabele, wena oyakubhujiswa, ubusisiwe oyakuphindisela kuwe izenzo zakho owazenza kithina.


Omubi uyakubanjwa ngububi bakhe, abhajwe ngezintambo zezono zakhe.


Usho kanje uJehova ngabakhelwane bonke bami ababi, abalithinta ifa lami engabanika lona abantu bami u-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubasiphula ezweni lakubo, ngiyisiphule indlu yakwaJuda phakathi kwabo.


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, labo okwakungesibo okwabo ukuphuza indebe bayakuyiphuza nokuyiphuza; ubuyakuba ngongenacala na? Awuyikuba ngongenacala, ngokuba uyakuyiphuza nokuyiphuza.


“Bizani abacibishelayo, balwe neBabele, bonke abansala umnsalo, nimise nxazonke zalo, lingabi nophunyukayo, niliphindisele njengezenzo zalo, nenze kulo njengakho konke elikwenzileyo, ngokuba lizikhukhumezile kuJehova, oNgcwele ka-Israyeli.


ngokuba umchithi uyalehlela, alehlele iBabele, amaqhawe alo ayabanjwa, neminsalo yawo iyaphulwa, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wemivuzo, uyakhokha nokukhokha.


Ngokuba usuku luseduze, usuku lukaJehova luseduze; luyakuba lusuku lwamafu nesikhathi sabezizwe.


ngalokho, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, ngiyakwenza njengolaka lwakho nanjengomhawu wakho obafele wona ngokubazonda kwakho, ngizazise kubo, lapho ngikwahlulela.


Njengokuthokoza kwakho ngefa lendlu yakwa-Israyeli, ngokuba ibiyincithakalo, kanjalo ngiyakwenza kuwe: uyakuba yincithakalo, ntaba yaseSeyiri, naye wonke u-Edomi, yebo, wonke wakhe, bazi ukuthi nginguJehova.’ ”


Hawu lolo suku! Ngokuba usuku lukaJehova lusondele, lufika njengokuchitha kuvela kuSomandla.


Bethani icilongo eSiyoni, nihlabe umkhosi entabeni yami engcwele; mabathuthumele bonke abakhe ezweni, ngokuba luyeza usuku lukaJehova, ngokuba lusondele;


UJehova uzwakalisa izwi lakhe phambi kwempi yakhe, ngokuba ibandla lakhe likhulu kakhulu, nowenza izwi lakhe unamandla; yebo, usuku lukaJehova lukhulu, luyesabeka kakhulu; ngubani ongaluthwala na?


Wo kinina enifisa usuku lukaJehova! Luyakunisizani usuku lukaJehova? Lungubumnyama, alusikho ukukhanya.


Lungubumyama usuku lukaJehova, alusikho ukukhanya, nesigayegaye okungekho kuso ukukhazimula.


Ngiyakwenza impindiselo ngentukuthelo nangokufutheka kuzo izizwe ezingalalelanga.”


Ngokuba wena uphangile izizwe eziningi, bonke abanye abantu bayakuphanga wena, ngenxa yezingazi zabantu nendluzula eyenziwe ezweni, nasemzini, nakubo bonke abakhe kuwo.


Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho nani niyakwahlulelwa ngakho, nangaleso silinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.


Ngokuba ukwahlulelwa okungenasihawu kuyakumehlela ongenzi isihawu; isihawu sizigabisa ekwahlulelweni.


Wayesethi u-Adoni Bezeki: “Amakhosi angamashumi ayisikhombisa enqunyiwe izithupha nawoqukula acosha ukudla kwawo phansi kwetafula lami; njengalokho ngenzile, kanjalo uNkulunkulu uphindisele kimi.” Bamyisa eJerusalema, wafela khona.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka